Orlando Pirates (0) 2
Magesi FC (3) 3
Liyiphindile ishobolo lokuphikwa yizinto kwiCarling Knockout i-Orlando Pirates iphuma ekuseni kulo mqhudelwano ishaywa yiMagesi FC kowe-Last 16, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli eMagesi aqinisekise ukuthi leli qembu laseLimpopo elingomakoti esigabeni seBetway Premiership liqeda ekuseni ngePirates kwiCarling, avalelwe phakathi nguDelano Abrahams, uThabiso Sesane okube wumkhonto ogwaze ekhaya no-Edmore Chirambadare kukade kuyiphenathi ngesiwombe sokuqala.
AwePirates ashaywe nguKabelo Dlamini no-Evidence Makgopa sekubalwa imuzuzu kuphele umdlalo.
Kulo mdlalo, kusheshe kwacaca zibekwa ukuthi iMagesi inenhloso yokushesha yenze izinto zenzeke njengoba ihlasele zisuka nje ikhombisa ukuba yingozi.
Nebala u-Abrahams uvule inkundla ngomzuzu ka-32 engqomfela phakathi ibhola ebeligotshwe nguGodfrey Mashigo.
Ukucindezela kweMagesi kuholele emaphutheni odongeni lwasemuva lwePirates ngenkathi isethenjwa somdlali wasemuva, uSesane sivalela phakathi igoli ngakubo sizama ukususa umhlola ekhaya ngomzuzu ka-39.
Kusabatshazwa lokho, ngemizuzu yokugcina sezibheke ekhefini uSesane uphinde wenza elinye iphutha egingqa uChirambadare ebhokisini, lakhonjwa emlotheni. UChirambadare ushaye iphenathi kodwa wayivimba uSipho Chaine kodwa yabuyela kuyena, wayingqofela phakathi ngomzuzu ka-45.
Ngesiwombe sesibili eZimnyama zikhombise ukuvuka emaqandeni, kwaba yizona ezihlasela kakhulu, kodwa iMagesi beyala ukhasha odongeni lwasemuva.
Nokho ngemizuzu yokugcina eZimnyamaa zibuye ngamandla kakhulu zathola amagoli amabili.
Ukwehlula kweZimnyama kulo mqhudelwano phambili owawaziwa ngeTelkom Knockout, kusho ukuqhubeka kweshobolo njengoba yayigcina ukuwunqoba lesi sicoco ngo-2011. Ngesizini edlule zikhishwe yiRichards Bay FC kuma-quarterfinal.
Umqeqeshi weMagesi uClinton Larsen, uthe: “Besazi ukuthi sizowakha amathuba okushaya amagoli kulo mdlalo, futhi sawabasebenzisa ngendlela efanele. Kuthe noma sebebuya ngamandla (abePirates) kodwa salwa kwaze kwaba sekugcineni. Empeleni kulo mdlalo kuhlulwe iqembu ebelingcono kakhulu.”
Ngakolunye uhlangothi, uJose Riveiro wePirates uthe: “Asidlalanga kabi kangako, kube yikho nje ukuthi emuva sibe namaphutha okuyiwona asenzele phansi. Nokho ngikholwa wukuthi ngendlela esibuye ngamandla ngayo ngesiwombe sesibili bekufanele ngabe sishaye amagoli amaningi kunalawa esiwashayile.”