BAYINQWABA abahola izibonelelo zikahulumeni abasenkingeni yokungaholi kule nyanga ngenxa yesimo esihlasele ebhange elilengelwa yizembe, Ithala.
Uhulumeni uzama ukuqinisekisa ukuthi abantu abangaphezu kuka-65 000 abahola eThala, bangakwazi ukuvula ama-akhawunti eFNB, ukuze bathole izibonelelo zabo zangenyanga ezayo ngesikhathi.
Izibonelelo zabangasebenzi kepha abasebenzisa Ithala, zizobambezeleka.
Lokhu kushiwo okhulumela inhlangano eholela izibonelelo zikahulumeni, i-SA Social Security Agency, uMnuz Paseka Letsatsi.
ULetsatsi uthe ebantwini abangaphezu kuka-65 000 kukhona abahola eyobudala, eyezintandane, eyezingane, neyabangasebenzi.
Abantu basezifundazweni iKwaZulu-Natal, nengcosana eMpumalanga, Eastern Cape, Gauteng, Free State, North West naseWestern Cape.
Amakhasimende eThala awakwazi ukukhipha imali yawo. Ikusasa leThala lisengcupheni ngoba kunesicelo esifakwe wuhlaka olungaphansi kweBhange loMbuso, i-Prudential Authority, sokuba livalwe.
Isicelo sokuba kuvalwe Ithala sizolalelwa kusasa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
ULetsatsi uthe njengoba ikusasa leThala lingacaci, sebevumelene ne-FNB ukuba ivulele amakhasimende eThala ama-akhawunti, ukuze akwazi ukuthola izibonelelo zawo.
“Sinxusa amakhasimende aseThala ukuba abeke phansi amaphaphu. Sizoqinisekisa ukuthi izibonelelo bazithola ngesikhathi. Abantu abazothinteka yilabo abathola isibonelelo sabangasebenzi. Izibonelelo zabo zangoJanuwari zizobambezeleka. Bazobuye bakhokhelwe uma sekulungiswe konke.”
ULetsatsi uthe i-FNB ibathembisile ukuthi abantu abazofaka izicelo bazothola amakhadi abo ngokushesha.
Indaba yokulengelwa yizembe kweThala, iyaqhubeka nokufaka itwetwe ezinhlakeni ezahlukene.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal, namakhosi banxuse uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba angenelele.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uveze ukuthi ube nengxoxo noRamaphosa, emcela ukuba angenelele kule nkiyankiya esiholele ekutheni abantu abasebenzisa Ithala, bangakwazi ukuthola imali yabo.
Amakhosi aKwaZulu-Natal, ahlabe ikhwelo lokuthi uRamaphosa angenelele ngokushesha.
UNtuli uthe uRamaphosa uthembise ukulusukumela udaba lweThala.
“Ngingasho ukuthi ingxoxo yami noRamaphosa ihambe kahle kakhulu. Uthembisile ukuthi uzoyibeka eqhulwini indaba yeThala.”
Ithala noHulumeni waKwaZulu-Natal, bahlangabezane nembibizane ngesikhathi isicelo ala abebesifakile sikhishwa ohlwini lwamacala.
Isicelo seThala, noHulumeni waKwaZulu-Natal, bekufanele silalelwe izolo kodwa sakhishwa ohlwini ngenxa yokuthi ijaji obekufanele lisilalele kuthiwe lisathathe ikhefu.
Namhlanje kuzokuba nomhlangano wabameli lapho kuzonqunywa usuku olusha.
USihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Sifiso Shinga, uthe udaba lweThala ludinga yena uqobo uRamaphosa, uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, nomphathi weBhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kganyago.
UShinga uthe sebethathe isinqumo sokugovuza imiphakathi ukuba ibambe imibhikisho yokuphikisana nesinqumo sokuvalwa kweThala.