UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, ufunga uyagomela ukuthi akukho okungamenza athi akuyekwe uphenyo lwamaphoyisa oluqhubekayo, oluvundulula amazambane abolile embuthweni.
UMkhwanazi ukusho lokhu ngesikhathi enenkulumo ekhethekile nesiteshi sethelevishini, i-eNCA.
Ukhulume kanje ngemva kokusabalala kwezinkulumo eziqoshiwe ezinkundleni zokuxhumana, wathi ziyimizamo yokudicilela phansi isithunzi sakhe.
UMkhwanazi udalule ukuthi emacaleni abawaphenyayo, kukhona amabili athinta ozakwabo abasebenza ekomkhulu lamaphoyisa.
“Siye sithi uma siphenya amacala, kuvele amagama ozakwethu abasemazingeni aphansi, kungenzeki lutho. Kodwa uma sithi senza olunye uphenyo, oluphumela ngaphandle kwesifundazwe oluthinta abasemazingeni aphezulu, bese kuqhamuka izinto ezikanje,” kusho uMkhwanazi.
Uthe lokhu kuwuphawu lokuthi uphenyo lwabo lusuke luhamba ngomgudu ofanele impela uma sekusabalala izinkulumo. Enaba kafishane ngalokhu, uthe uphenyo lwabo luqale esifundazweni, lwaya ngokuya lwenabela ngaphandle kwesifundazwe.
“Mabili acala esiwasebenzayo athinta abasehhovisi elikomkhulu lamaphoyisa. Ngeke ngibagagule ababili abathintekayo abangamazambane abolile embuthweni,” kusho uMkhwanazi.
Uthe konke lokhu kuyimizamo yokumthulisa nokumsabisa, wathi nokho akumfaki nhlobo amanzi emadolweni.
“Amazambane abolile, azovela maduze,” usho kanje.
Uqhube wathi izandla uzivulile ukuthi bonke abamsola ngenkohlakalo, bamyise enkantolo. Ukhumbuze abantu ngokuthi akukhona okokuqala kuphunywa naye iqhubu.
“Kwake kwahlohlwa zonke ezobunhloli ngokuthi zithi njo kimina ngo-2011 ngoba kwakunefayela etafuleni lethu ngosopolitiki emkhulu,” kusho uMkhwanazi.
Uthe waze wahlaliswa ekhaya unyaka wonke engasebenzi ngoba babethinta abantu “abangafanele”.
“Sasivundulula amazambane abolile embuthweni, kwaze kwathinteka nosopolitiki abathile. Ngaleso sikhathi asizange siguqe, ngeke siguqe manje,” kusho uMkhwanazi.