I-MK ithi ayizithathi kancane izinsolo zocansi ezibhekene nephini lomholi wenhlangano, uDkt John Hlophe.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe izinsolo ezibhekene noHlophe zibucayi, wathi angeke bazizibe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabe-Newsroom Afrika izolo.
UHlophe usolwa ngokufuna ucansi kowayengumdidiyeli we-MK eMpumalanga, uNkk Mary Phadi.
UNkk Phadi ufake isikhalazo asibhekise kumholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma, lapho ekhala khona ngokuthi uHlophe wamthumela umyalezo phakathi kwamabili, embizela ehhotela.
UHlophe wayekade ejutshwe eMpumalanga ukuba axazulule umdonsiswano wokuhola i-MK esifundazweni.
Emva kwalo mhlangano, i-MK yathatha isinqumo sokuxosha uNkk Phadi esikhundleni, kwafakwa u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
UNkk Phadi ukholelwa ukuthi waxoshelwa ukuthi wanqaba ukuyolala noHlophe.
Nokho uNdhlela uthe uHlophe uyaziphika izinsolo abekwa zona, kodwa wathi basalindele incazelo egcwele.
“Uthe awukho umyalezo awuthumelayo. Usazosichazela kahle okwenzeka. Ukuthi nje udaba luvele lwasehla ngaphezulu, sangalithola ithuba lokuthi asichazele konke okwenzeka. Zibucayi lezi zinsolo ezenziwe, sifuna ukuthola umnyombo wale ndaba.”
UNdhlela uthe akufanele izinsolo ezibhekene noHlophe ziyamaniswe nokuxoshwa kukaNkk Phadi.
UNdhlela uthe uNkk Phadi waxoshelwa ukunqwaha nemali etholwa yiqembu esiShayamthetho nokungaziphathi kahle.
“Kuyishwa ukuthi uNkk Phadi wala waphetha nemali yeqembu. Kwakungezona kuphela izinsolo zokungaphathi kahle imali yeqembu kodwa kwakukhona nezinsolo zokuthi wayesabisa amalungu e-MK.
“Kuthiwa wayefika emihlanganweni nezinkabi, kukhona nezinsolo zokuthi wathengela amanye amalungu eqembu izinkabi. UNkk Phadi akekho msulwa. Into okufanele sizibuze yona ukuthi kungani le nto eyikhuluma manje? Ubekade ethuleleni sonke lesi sikhathi?”
UNkk Phadi akagudluki ezinsolweni azenzile, njengoba ethe uzimisele ngisho ukufakwa emishinini ohlola ukuthi umuntu ukhuluma iqiniso yini.
UNkk Phadi uthe akanendaba noma uHlophe engamumangalela enkantolo.
“Mhlawumbe leyo kungaba into enhle ngoba kungavela okuningi.”
UNkk Phadi uthe ufuna ukuthi uHlophe athathelwe izinyathelo, kanti waziwa kakhulu embonini yezamaloli. Unenkampani yezokuthutha iBasadi Logistics.
Uke wabamba izikhundla ezahlukene ezinhlanganweni zabamaloli okubalwa kuzo ukuba umengameli we-Truckers Association SA, ukuba usihlalo we-SA Network of Women in Transport, kanye nesokuba umkhulumeli we-Coal Transporters Forum.
Akanawo umlando obambekayo kwezepolitiki. Uqale ukugqama ngesikhathi eqokelwa kwesokuhola i-MK eMpumalanga nasesiShayamthetho sesifundazwe.