UNALEDI Aphiwe, Mawelele no-Olefied Khetha ngabanye babaculi osekuvele ukuthi bazoba yingxenye yomcimbi, iThe Love Tour with Cici and Friends, ozoba seThe Playhouse, eThekwini ngoMashi 1.
Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi le ntokazi yaseMnambithi inandise ngezingoma zayo ezehlukene kanti kubhekwe nokuthi uhanjelwe yizithandani, imindeni nabangani abakhonze umculo wale ntokazi.
Ekhuluma ngalo mcimbi uCici emsakazweni Igagasi FM, uveze ukuthi leli dili ulenza ngenjongo yokujabulisa abalandeli bakhe.
“Okujabulisayo ngalo mcimbi ukuthi akumina kuphela engizonandisa ngomculo kodwa kukhona abadansi nokunye okuningi esikuhlelile ukuze lo mcimbi ungabi nje ngami kuphela.
“Kuningi esikuhlelile kulo mcimbi ukuze ube mnandi ngakho ngiyabanxusa abantu baKwaZulu-Natal ukuthi baphume ngobuningi babo ngoba bazobhema bakholwe,” kuchaza uCici.
Uveze ukuthi abazobe befuna ukumbona ecula kuphela, abaqhubeke nokulalela umculo wakhe ngoba ngoMashi uzoxoxa indaba yokuthi uhambo lwakhe emculweni lube njani njengoba ebhekane nezinto ezehlukene kulo mkhakha.
“Okunye engizokugqugquzela kulo mcimbi uthando. Ngifuna ukukhuthaza abantu ukuthi bathandane yingakho siyibize ngeLove Tour le khonsathi,’’ kuphetha yena.
Uveze ukuthi akazogcina eThekwini kodwa uzoya nakwamanye amadolobha amakhulu, abantu kumele balinde njengoba ehlela.
Amathikithi alo mcimbi aqala ku-R250, R350 no-R450 awezicukuthwane.