UTHI akazisoli ngokuziveza emehlweni omphakathi uKhosi Twala, ngo-2013 owaba sentsheni yakuleli eyahlangana neyaseNigeria, baba yingxenye yohlelo i-Big Brother Titans.
Uthe ukubonakala kulolu hlelo kwamenza waqala uhlelo lwezinkulumo-ngxoxo i-Khoffee With Khosi afuna ukuthi lukhule.
Uthe akagcinanga lapho ngoba uphinde wavula inkampani yakhe ekhiqiza izimpahla zokuzivocavoca i-Active Lifestyle Brands.
Ekhuluma neSolezwe uthe ujabule empilweni njengoba kukhona amaphupho akhe afezekile futhi esaqhubeka nokufuna ukufeza amaningi.
“Ngingaphakathi endlini ka-Big Brother, kwathi sesibancane ngabona ukuthi angihlale nabo phansi sikhulume ngokuthi baze bafike la basuka kuphi.
“Ngempela baluthanda abaningi lolu hlelo lwami, nokwathi ngonyaka odlule abakwa-DStv bangicela ukuthi siqhubeke nalo uma kukhona abaphuma endlini. Kwangikhuthaza lokho njengoba nakulo nyaka sisaxoxisana nabo ngale sizini eqhubekayo,” kusho uKhosi.
Uveze ukuthi manje usefuna lolu hlelo kube ngolwethelevishini lapho ezohlala phansi nosaziwayo abahlukene baxoxe ngemikhakha abakuyo nalapho besuka khona.
“Manje ngibona kukuningi okumele ngikwenze. Okunye okungijabulisile ukusungula inkampani yami edayisa izimpahla zokuzivocavoca. Ngiyathemba ukuthi nayo izokwenza kahle njengoba isasasa laba khona ngesikhathi ngiyethula futhi yenza kahle ngisho nasekuthengweni kwazo.
“Engifuna ukukwenza njengomuntu oqhamuka elokishini, ngifisa ukukhuthaza abantu bakhona nasezindaweni zasemakhaya ukuthi abazivocavoce njengoba nami kuyinto engiyithandayo,” kuchaza yena.
Uthe noma elinye ithuba lingaqhamuka kodwa ngeke aphinde angene endlini ka-Big Brother.
Uma kuza ngasemkhakheni wobuntatheli njengoba ayesebenza komunye wemisakazo, uthe nakhona ngeke esabuyela njengoba egcine eyitholile into ayithandayo, ezomenza asebenze njengokwethula izinhlelo.