IKaizer Chiefs igqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngaphambi kokududulana ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership wabakhaya baseSoweto.
Amakhosi azovakashela eZimnyama eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Nokho azodlala lo mdlalo ngaphandle komunye wabadlali abamqoka, uWandile Duba, okuqinisekisiwe ukuthi uzohlala amasonto ayisithupha engadlali kulandela ukulimala. UDuba uphume enkundleni ungakapheli umdlalo weNedbank Cup ezakhe ezihlule kuwona ngo 4-0 iFree Agents eFNB Stadium ngeSonto. Ubukeke eshibilika, walala phansi engamakwe muntu.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, ukuqinisekisile ukuthi uDuba ngeke adlale kowePirates.
“Abadlali bonke bagqugquzelekile futhi bawubheke ngabomvu umdlalo. Bonke abadlali basebenza kanzima ukuze banikeze konke abanakho ngoba bonke bafuna ukudlala. Umoya muhle ngaphandle kwengcindezi nokwesaba. Asikho isidingo sokubakhuthaza. Mayelana noDuba, ngokusho kwethimba lethu lodokotela, uzohlala amasonto ayisithupha engadlali,”kusho yena.
Endaweni ajwayele ukudlala kuyona uDuba ophondweni lwesokudla, uNabi kulindeleke ukuthi aqalise uGaston Sirino obuya ekulimaleni. Lo mqeqeshi unengcindezi yokujabulisa abalandeli beChiefs kwazise ngesizini edlule iPirates iyiwine yomibili imidlalo yeligi yabakhaya baseSoweto.