KUVULELWE intululwane yamacala owesilisa waseTownview, eMooi River, osolwa ngokudlwengula ephindelela izingane ebeziqashwa enkulisa yakubo.
Umthombo osondelene nalolu daba uveza ukuthi lo wesilisa oneminyaka engu-21, zingaphezulu kwezinhlanu izingane okusolwa ukuthi uzigilile.
Umthombo uthe lo wesilisa kusuke isidumo ngemuva kokuba ngoLwesine olwedlule, ebhadanywe ngomunye umzali eqhoqhobele ingane yakhe.
"Lo mzali akabuzanga lutho, umane waqonda nje ngqo emaphoyiseni eyovula icala,'' kusho umthombo.
Uthe ngosuku olufanayo bathole ukuthi empeleni ziningi izingane esezigilwe yilo wesilisa ezinye zazo ezigonyulikile ngalokhu. Kuvela ukuthi inkulisa yasungulwa ngabazali bakamsolwa eminyekeni edlule.
"Agcine eseyisihlanu esewonke amacala avulelwe lo wesilisa kodwa okusikhathazayo ukuthi kuze kube yimanje ubengakaboshwa. Isizathu salokho kasisazi,'' usho kanjena.
Kuvela ukuthi kule nkulisa kuhlala izingane eziqala eminyakeni embili kuze kufike ezinganeni ezineminyaka engu-12 ezishiywa abazali uma benezindlela. Kuthiwa umsolwa ubeqhoqhobala labo abaneminyaka engu-12.
Omunye wonina wabagilwa eligodliwe igama lakhe uthe namanje akuvumi ukuthi akwamukele lokhu okwenziwe umsolwa enganeni yakhe yentombazane.
''Angeke ngize ngikuthole ukuphumula lo mfana engazange aboshwe. Kumele aphelele ejele ngoba uzihlukumezile futhi kakhulu izingane zethu,'' usho kanjena.
Uthe bebeyithemba le nkulisa kanti kabazi ukuthi bamane bayazikhohlisa nje.
Nomunye umzali obethukuthele egane unwabu uthe bafuna ubulungiswa ngokuthi akhalelwe ngamasongo kaSigonyela umsolwa njengoba egcwele izinkalo emva kokubanjwa oqotsheni.
Uchaze isenzo somsolwa njengesinyantisa igazi, wathi uma ecabanga ngaso umane evukwe uhlevane.
"Ibuhlungu inhliziyo yami ngale nto eyenzeke enganeni yami futhi akusavumi nokuthi ngilale ebusuku,'' usho kanjena.
Isolezwe lithole ukuthi umphakathi uvuke umbhejazane ufuna ukungqongqisa umuzi wakubo kamsolwa nenkulisa kodwa uyise kamsolwa waxolisa emphakathini.
"Sigcine singazange siwushise umuzi wakhe ngenxa yokuthi indlela axolise ngayo isenze sabona ukuthi lokhu akwenzayo kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakhe,'' usho kanjena umthombo.
Uthe okudala ukuthi umphakathi ucasuke ukuthi umsolwa akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.
"Thina simfuna ephila lo mfana ukuze ezosichazela kahle njengomphakathi ukuthi yini le ayenzayo ezinganeni zethu,'' usho kanjena.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athunyelelwe imibuzo mayelana nalolu daba kusuka ngoLwesihlanu kodwa awazange aphendule.
Akucacanga nokuthi inkulisa ibhalisiwe yini ngaphansi koMnyango wezeNhlalakahle.