INTOKAZI ekhishwe endlini kaBig Brother uBonnie B, idalule ukuthi uma ingathola elinye ithuba ingahlala phansi noKay B, imchazele ngohlangothi lwayo ngemuva kokuveza ukuthi yadlwengulwa.
UBonnie B ukhishwe ohlelweni ngeSonto ngemuva kokuthola amavoti amancane.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuphuma kwakhe uthe uyaqonda ukuthi abantu abamuzwa ukuthi ubhekephi ngale ndaba.
“Uma kwenzeka, ngiyafisa ukuhlala phansi noKay B, ngimtshele uhlangothi lwami lokuthi kungani ngenza konke lokhu futhi ngimchazele ukuthi kungani ngikhuluma kanjena ngodaba oluthinta ukudlwengulwa, okuyinto embi kakhulu ukuthi yenziwe. Ngakho ngiyafisa ukuchaza uhlangothi lwami kuye,” kuchaza yena.
Uthe umuntu akade emthemba endlini uPhilile waseMlaza, nobenenhliziyo enhle.
UNate waseLimpopo, uthi ubengamfuni ngoba waveza ukuthi ufuna ukumkhipha ekhishini nokuyinto akade eyithanda ukuphekela abanye.
Njengoba esephumile uthe uzogxila kakhulu ekufuneni amathuba emkhakheni wokulingisa nasekwethuleni izinhlelo zethelevishini.