KUZOPHELA amahlathi okucasha kulabo abasebenzisa ngokungemthetho amabhilidi angasasebenzi aseThekwini, njengoba umasipala uchitha angu-157.
Lokhu kuvezwe yiMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, izolo, ngesikhathi ikhuluma engqungqutheleni iBuild KZN Better e-ICC.
UXaba wenza lesi simemezelo nje, bese ziningi izikhalazo mayelana namabhilidi akule ndawo asephendulwe imihhume yabaphangi.
Okunye okuvelile ukuthi iningi lamabhilidi lihlala abantu bokufika futhi abangena kuwo ngenkani bengenazo nezincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli.
Phakathi kobugebengu okuvela ukuthi buyenziwa kuwona kubalwa ukuhweba ngezidakamizwa, kwamanye kukhandwa izitifiketi ezahlukene ezingombombayi. Amanye ayizidleke zomahosha.
Inhloso enkulu yale ngqungquthela kuhlalukile ukuthi bekuwukudingida kabanzi ngezinto ezingenziwa ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iyaxazululeka ingwadla yamabhilidi akhahlamezekile.
Le ngqungquthela ibikade ihlelwe uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ngokubambisana nawo uMasipala weTheku.
Ikhuluma lapha iMeya yeTheku, ithe babone kungcono ukuthi bamane bawachithe ngoba awasabalekeleli ngalutho.
UXaba akazange awasho ngamagama amabhilidi abawachithayo.
"Asikho nje isidingo sokuthi siqhubeke nokuwagcina wonke la mabhilidi esikholwa ukuthi singawadedela futhi kungabi nankinga. Uma nje lokho kuzosilekelela kumele sikwenze,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi kuzokuba nohlelo oluvulelekile lapho okuzobe kuhloswe khona ukuthi basondele eduze labo abanentshisekelo yokuwathola, wagcizelela ukuthi bakholwa ukuthi akhona namanye amabhilidi abasazowachitha ngokuhamba kwesikhathi.
UMartin Meyer onguMphathiswa wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu Natal, udalule ukuthi kunamabhilidi amathathu asemgangathweni abazonikezela ngawo kuMasipala weTheku.
Ubale lawa alandelayo i-Palm Beach Hotel, West Point Lodge ne-Siemens Rest Institute.
Uthe ukholwa ukuthi ukusebenzisana okuhle phakathi komnyango awuholayo neTheku kuzodala ukuthi bakwazi ukubhekana nenkinga yamabhilidi.
Ebuzwa mayelana nomthetho i-Land Expropriation, uthe akukho angakusho ngawo ngoba ukholwa ukuthi lolu wudaba oluzophelela enkantolo.
Uveze ukuthi seziyisikhombisa manje izikhulu zomnyango wakhe esezimisiwe ngenxa yokusoleka ekubandakanyekeni kwinkohlakalo.
UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Dean Macpherson, uthe kumqoka kakhulu ukuba ibhekwe ngeso elijulile indaba yamabhilidi amadala.
Unxuse ukuthi abantu baKwaZulu-Natal banikezwe amathuba omsebenzi. Le ngqungquthela izoqhubeka namhlanje njengoba izobe seyisongwa.