KUSOLWA inhlese yezepolitiki ngokushushiswa kukaNkk Duduzile Zuma-Sambudla, oyindodakazi yomholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma.
Uzovela eNkantolo yeMantshi eThekwini namuhla ngecala lezibhelu zangoJulayi 2021.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe abameli bakaNkk Zuma-Sambudla bathunyelelwe uhlu lwamacala ngesonto eledlule.
UNdhlela uthe uNkk Zuma-Sambudla umsulwa, wathi kunenhlese yezepolitiki ekushushisweni kwakhe.
Njengoba evela enkantolo namuhla uNkk Zuma-Sambudla, amalungu e-MK ahlele ukuba nombhikisho onokuthula ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eThekwini.
UNkk Zuma-Sambudla usolwa ngokugqugquzela izibhelu ezaqubuka emva kokuboshwa kukayise, uMnuz Jacob Zuma, owaboshelwa icala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Izibhelu ezaqubuka emva kokuthi uZuma ezinikele ejele eliseMtshezi zaholela ekucekelweni kwempahla kanye nokuzitapela.
Lezi bhelu zadala umonakalo ka-R50 billion emnothweni wakuleli, inqwaba yalahlekelwa imisebenzi.
Kwashona abangu-345 kulezi zibhelu ezahlasela KwaZulu-Natal nasezingxenyeni zeGauteng.
Ngesikhathi kuqhubeka izibhelu uNkk Zuma-Sambudla wayefaka imibhalo ezinkundleni zokuxhumana eyahunyushwa ngokuthi uncoma ababeyingxenye yezibhelu.
UNkk Zuma-Sambudla wayelokhu efaka ekhasini lakhe le-X, izigameko ezazenzeka, zihambisana nombhalo othi “siyanibona”, bese esho igama lendawo okwenzeke kuyo isigameko.
Ngesikhathi kunesigcawu seKhomishini yamaLungelo Abantu, i-SA Human Rights Organisation, esasiphenya ngezibhelu, omunye wabantu abethula ubufakazi wakhala ngokuthi uNkk Zuma-Sambudla wayekhombisa ukuthi uyakujabulela okwakwenzeka ngesikhathi sezibhelu.
UMnuz Jean le Roux, wenhlangano i-Forensic Research Lab, wathi imibhalo kaNkk Zuma-Sambudla yayikhombisa ukuthi ukushayela ihlombe okwakwenzeka.
Nokho uNkk Zuma-Sambudla akazange aboshwe ngo-2022 ngesikhathi kuboshwa abanye abantu abangu-20 ababoshelwa ukugqugquzela izibhelu.
Ngaleso sikhathi oKlebe bakuqinisekisa ukuthi uNkk Zuma-Sambudla uyaphenywa.
UNkk Zuma-Sambudla uyilungu lePhalamende aphinde futhi abe usihlalo wamazwe aseNingizimu ne-Afrika ePhalamende lase-Afrika.
I-MK inxuse amalungu ayo ukuba aphume ngobuningi azokweseka uNkk Zuma-Sambudla.
“Sicela ukuba nigqugquzele nabanye ukuba bezokweseka uNkk Zuma-Sambudla ozovela enkantolo.”
Ubuholi be-MK esifundeni iTheku bumemezele ukuthi buzokuba nombhikisho onokuthula ngaphandle kwenkantolo.