UMENGAMELI wenyunyana yabadlali entsha, iFootball Union of South Africa (Fusa), uTefu Mashamaite, uhlose ukuqeda ukuxhashazwa kwabaqeqeshi nabanye abasebenzi abasemkhakheni webhola.
NgoJanuwari, uMashamaite owayedlala kwiKaizer Chiefs, SuperSport United nakuBafana Bafana, uqokelwe esikhundleni sokuhola le nyunyana..
Amaphini akhe uKing Ndlovu osemabhukwini eMarumo Gallants noZaid Patel owake wadlala emaqenjini iBidvest Wits nakwiMpumalanga Black Aces. UTaelo Motloung obekwiSouth African Football Players Union (Safpu), uqokelwe kwesikanobhala jikelele, kwathi u-Augustine Ramphele owake wadlala kuMaZulu, wanikwa esephini.
IFusa iyinyunyana yesibili ebholeni laseMzansi kwazise kukhona iSafpu esematheni kulezi zinsuku ngokulwela abadlali abaxoshwe yiMoroka Swallows.
ULerato Phetoe onikwe esokugcina inkece. UMashamaite uthe abasungulanga inyunyana ngoba befuna ukubangisa iSafpu. Uveze ukuthi nakuba zombili lezi zinyunyana zibhekele amalungelo abadlali kodwa eyabo ihluke ngokuthi izoqinisekisa ukuthi awaphulwa amalungelo awo wonke umuntu osebholeni.
"I-Fusa izoqapha nokuthi amaqembu angabaxhaphazi ngisho abadlali abayibamba kuma-amesha. Sizoqapha nawabadlali besifazane. Ngeke sibashiye ngaphandle abaqeqeshi.
Amaqembu asebaxhaphaze kakhulu bengenaye umkhulumeli. I-Fusa seyifikile, kuzophela lokhu. Sizoqapha namalungelo abo bonke abasebholeni," kubeka uMashamaite ozishaye isifuba ngokwanda kwamalungu abajoyinayo.
Uncome iFusa ngokunqoba inqwaba yamacala nakuba isanda kusungulwa.
"Sesimele amalungu ethu emacaleni awu-60. Siwanqobile awu-22. Asaqhubeka awu-38. Asikahlulwa ngisho kwelilodwa. Kukhona amabili aseKosovo naseLesotho".
UMashamaite owanqoba umklomelo weFootaballer of the Season ngo-2014/15 emuva kokuwina iligi neChiefs, uthe okunye okuseqhulwini abeza nakho wukufundisa abadlali ngokuphatha imali.
"Iningi labadlali lishona lingesenamali, ekubeni kade liphila ntofontofo lisadlala. Sizozama ngakho konke ukukuqeda lokhu. Yingakho ngoJanuwari sibe nenhlanganiso yokufundisa abadlali ngokwakha, ukuvikela nokuphatha kahle imali.
Sikholelwa ekutheni lokhu kuzoletha ushintsho kuleli," kuqhuba uMashamaite oneziqu ze-International Relations Degree.
Uthe maduze uzophothula ezeSports Management.
Uqhube wathi nenkinga yengcindezi yomqondo kubadlali, ngeke bayishiye kanjalo.
"Le nkinga ihlasele inqwaba yabadlali bethu. Babhekana nenqwaba yezingqinamba besadlala noma sebewagaxe emgibeni amakhokho. Yingakho kubululekile ukuthi sivule izithangami abazokhululeka kuzo ngokugonyuluka ngezinkinga zabo nangezinto ezibabangela ingcindezi.“
Uphethe ngokuthi bazoyilwa kuze kube sekugcineni eyamaqembu anqaba ukunika abadlali amaphepha ezinkontileka uma beqeda ukusayina.