OWAYENGUMDLALI weKaizer Chiefs, uJabu Mahlangu, uyamvuna uMfundo “Obrigado” Vilakazi ogxekwa ngabaningi ngokushaya izitayela emdlalweni Amakhosi abhudluzwe kuwona yiYoung Africans ngempelasonto edlule.
IChiefs ithelwe ngehlazo lika 4-0 kulo mdlalo weToyota Cup eToyota Stadium, eBloemfontein. Kwenzeke lokhu emuva kokuthi abalandeli abebegcwalise inkundla, bethakasele umdlalo wezinkakha zeChiefs ezehlule ezeBloemfontein Celtic ngo 2-1.
Nokho kuse ngokunye ngesikhathi sekungena iqembu lomqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, eliye ekhefini lilandela emuva ngo 2-0. Okucike abanye wukubona uVilakazi eshaya izitayela ekubeni kucaca ukuthi iqembu liyadliwa. Kwabagxeke uVilakazi, kukhona nomdlali weYanga, uStephane Aziz Ki, oshaye amagoli amabili.
“Okokuqala ngiyawuhlonipha umsebenzi wami ngoba ibhola liwumsebenzi wami. Ngifuna ukufunda. Ebholeni ezingeni eliphezulu ngeke ubone (Christiano) uRonaldo noma abadlali abaphezulu benza le nto. Wukumosha isikhathi. Uma ulandela emuva ngo 2-0, wenze le nto, iwumbhedo. Ngidumele ngesikhathi ngibona umdlali osemncane enza le nto. Akumnandi. Ngokwami ibhola wukulibamba uliphase, ulibambe uliphase, ungalidlalisi,” kusho u-Aziz Ki kwiDiski Times.
UVilakazi nabanye abadlali abasebancane kwiChiefs okukhona kubona uSamkelo Zwane noNkosana Mbuthu, bebethole ingqayizivele yethuba lokuthatha iso likaNabi osazama ukuhlanganisa isikimu azodlala ngaso. UMbuthu, owenze iphutha eliholele ekutheni kungene elinye lamagoli eYanga, unconywe ngabaningi ngendlela adlale ngayo.
UMahlangu, owazakhela igama ngomjiko oya phambili eminyakeni edlule kwiChiefs, uthe akakuboni okubi kokwenziwe nguVilakazi.
“Ngikhulumile nomqeqeshi emuva komdlalo ngihamba noBrian Baloyi noCyril Nzama. Umqeqeshi ushilo ukuthi uzosebenza noVilakazi ukuze umjiko wakhe awusebenzise ngendlela efanele. Akufanele simshintshe ngoba sizolahlekelwa yindlela ayiyona. Indlela adlala ngayo ibhola, iyona indlela ayiyona. Akukho ukushaya izitayela okungenasidingo engikubonile. Uma uMfundo efuna ibhola ukulibeka idolo ngaphambi kokuphasela omunye umdlali, kufanele akwenze lokho. Uyena obonayo enkundleni, thina sikhuluma singaphandle, asikuboni lokhu akubonayo,” kusho uMahlangu, owadlalela iChiefs phakathi kuka-1999 no-2005.
“Abadlali abanekhono lokuzalwa asisabafuni ebholeni. Sekudlala abantu ngoba nakhu abazali babo benezimoto zokubaletha ejimini. Thina noThabo Mooki no-Arthur Zwane sasidlala ngendlela esiphiwe ngayo. Manje sekuhlalwa nama-laptop kubhekwe ukuthi umdlali ugijima indawo engakanani. Abadlali abafana noVilakazi noMofokeng (Relebohile) abayekwe badlale ngendlela abadalwe ngayo. Uma le nto yenziwa nguNaymar, kukhulunywa ngayo yonke indawo kodwa thina siyakhala uma yenziwe ngabethu abadlali.”
IChiefs ayikho kwiMTN 8 eqala kule mpelasonto. Izoqala isizini yeBetway Premiership yesizini ka-2024/2025 ngokubhekana neMarumo Gallants ngo-14 Septhemba eToyota Stadium.