WETHEMBA ukuthi izogqugquzeleka ekufezeni amaphupho ayo intsha yangakubo, uJenet Mbhele ongumgijimi waseNew City, eMzimkhulu, oqokelwe emunxeni weSports Personality of the Year kumaKZN Sports Awards.
Kulo nyaka lo mcimbi ohlelwa uMnyango weZemidlalo, uzoba ngoMgqibelo, e-ICC, eThekwini.
UJenet (30) ozalwa uNokubonga Dlamini noMathokoza Mbhele ongasekho emhlabeni, unikezwe unombolo 3 azovotelwa ngawo.
Uqhathwe no-Eben Etzebeth odlala umboxo (1), Nkosingiphile Sibisi ongumshayisibhakela (2), Keshav Maharaji wekhilikithi (4) noSithabile Mnyandu odlala i-table tennis yabakhubazekile (5).
Kuvotwa ngokuthumela umqhafazo obhalwe ukuthi KZN Sports bese ulandelisa ngenombolo yomdlali omvotelayo enombolweni ethi: 33258. Umqhafazo ubiza u-R1 50. Kuvalwa ngo-11.59 ebusuku ngoNovemba 1.
UJenet ubonge bonke abamesekile selokhu angena kulo mdlalo.
"Bengingakaze ngicabange ukuthi intombazanyana yaseMzimkhulu ingaqokelwa ezindondweni ezifuze lezi. Ngabe akwenzekanga lokhu ukube umndeni wami, izihlobo nabangani bebengangiseki. Ngibonga nakumqeqeshi, uThami Khuboni owaqala ukugudla nami ngingakazi ukuthi ngenzani. Ngabe ngenza iphutha uma ngingashiya ngaphandle iXcel Running Club. Selokhu ngayijoyina impilo seyashintsha kakhulu. Ngicela wonke umthandi wezokusubatha angivotele. Kuzobe kunqobe umdlalo wethu," kubeka uJenet .
Uthe phezu kwakho konke ubonga umphakathi waseNew City.
"Umuntu wasemakhaya uyazi ukuthi ingane ikhuliswa umphakathi. Ngizoqhubeka nokuba yile ngane enayikhulisa ngenhlonipho. Ukuthi siyanqoba noma cha, okusalayo ukuthi vele sesilibeke kwelinye izinga igama lendawo yethu. Okwethu ukuthi sivote ngobuningi bethu.
"Ngethemba ukuthi ukuqokwa kwami kuzoyigqugquzela intsha yethu. Lokhu kuwubufakazi bokuthi noma ungakhulela emakhaya ayafezeka amaphupho uma uzimisela. Inenhlanhla intsha yethu ngoba ikhulela phambi kwabantu abafana nami."
UJenet uvule unyaka ngokunqoba iBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon (2:46.45). Eqala ukugijima iTwo Oceans 56km ulale isine (3:41.08). Ubuye wenyusa izinga kwiComrades Marathon elala kweyesishiyagalombili (6:16.54). Nyakenye eqala ukuyigijima walala kweyeshumi. Ugcine ngeCape Town Marathon aphume kuyo kweka-12 (2:41.08).
"Ngisazocela abaphathi bami ukuthi bangitholele omunye umjaho. Angeneme ngendlela engigijime ngayo kwiCape Town Marathon. Ngeke ngivume ukuvala unyaka kabi njena," kusho uJenet.