UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, ubona bezowabhubhisa amaqembu uma bezoqhubeka nebhola abalidlale bebambana neKaizer Chiefs koweDStv Premiership eMphithi ngempelasonto edlule.
Kulo mdlalo ezikaMaduka azipholisanga maseko, ziyihlasele zisuka iChiefs. Ukube bezibukhali ngokwanele phambi kwamapali, bezizoya ekhefini sezishaye noma amagoli amabili.
Phambili bekubhoke uMenzi Masuku, Ayabulela Maxwele noMxolisi Macuphu. Wenze umsebenzi oncomekayo unozinti, uPatrick Nyame, ogcine eqokwe njengomdlali wosuku.
Ubebambisene no-Ayanda Jiyane, Wandile Mabuza, Thabo Matlaba noKhulekani Shezi.
IRoyal AM beyikudinga ukunqoba kulo mdlalo kwezise isemaqenjini asemsileni. Kwi-log isendaweni ka-14 ngamaphuzu awu-19 emidlalweni ewu-16. Akawuvali umlomo uMaduka ngebhola elidlalwe ngabafana bakhe, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
"Sakhe amathuba amaningi, ngebhadi esingakwazanga ukuwasebenzisa. Besikwazi ukuluvula udonga lwezitha zethu. Kuzomele siyilungise eyokuba buthuntu phambi kwamapali. Esiwombeni sesibili silehlisile izinga. Lilonke, silwe ngokubambisana. Uma siya phambili besisebenzisa ijubane. Bekuwumdlalo omuhle, yibhadi nje ukuthi asiwatholanga amaphuzu amathathu".
Uqhube wathi: "Siyithimba labaqeqeshi isijabulisile indlela abafana bethu abadlale ngayo. Kuyathokozisa ukubabona belenyusa izinga. Njengamanje kulula ukubona lapho kumele silungise khona. Uma sizoqhubeka nebhola esilidlale kwiChiefs sizokwazi ukuthola imiphumela emihle nakwamanye amaqembu. Isiqala ukuthela imiphumela yokuzikhandla ejimini".
UMaduka uphume iqhuzu ngokuncoma abadlali bakhe basemuva.
"Iyangijabulisa indlela abadlali bami basemuva abayibambe ngayo. Iningi liselincane. Yebo, uMabuza usemdala kodwa uJiyane noShezi basebancane. Ngichazwa yijubane abanalo. Akulula neze ukumaka abantu abanejubane nabahlakaniphe njengo-Ashley Du Preez, Christian Saile noPule Mmodi. Kodwa abafana bami bakwazile ukubabamba ngqi," kuqhuba uMaduka.
Uveze ukuthi ngesikhathi sekhefu babatshelile abagadli babo ukuthi bangacabangi ukuthi nasesiwombeni sesibili bazothola amathuba afanayo. Uma kubuywa nezitha zizozama ukulungisa amaphutha. Uphinde wancoma nabebeyibambe esiswini.
"USibusiso Magaqa, Mzwandile Dlamini nokaputeni, uKabelo Mahlasela, badlale ngokubambisana nabo bonke abadlali. Njengomqeqeshi kungijabulisile ukubona abafana bami bedlala ngokuzimisela".
NgeSonto eKing Zwelithini Stadium iThwihli Thwahla izophinde ibhekane nomkhaya bayo, AmaZulu, koweLast 32 Nedbank Cup. Emdlalweni weligi wokuvala unyaka odlule, uSuthu lunqobe ngo-3-0.