UMGADLI we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa usamakhumbuza umqeqeshi uSteve Komphela amazwi okumkhuthaza amtshela wona ngesikhathi emenyusela esikimi esikhulu kwiBloemfontein Celtic eminyakeni edlule.
Lokhu kudalulwe nguKomphela osengumqeqeshi weLamontville Golden Arrows ngesikhathi ebuzwa ngokwenza uMabasa avuke indlobane uma edlala ngaphansi kobuholi bakhe.
UMabasa ubeqeqeshwa nguKomphela kwiMoroka Swallows ezinyangeni ezedlule ngaphambi kokusuka kwezinkinga zokungaholi kwabadlali.
UKomphela ushiye isidleke seziNyoni, wajoyina i-Arrows. UMabasa ubuyele kwiPirates kwazise ubebolekisiwe ekuqaleni kwesizini, esizwa ngendaba isikimu. Ukuqhulula kwakhe amagoli kwiBafana Bafana emqhudelwaneni iCosafa Cup akumakhelanga ugazi kumqeqeshi uJose Riveiro.
Ufike kwiSwallows wathola isikimu, waphenduka omunye wabagadli abasatshwayo kwiPremiership ngaphansi kukaKomphela. Ushiye kwiSwallows eyishayele amagoli ayisithupha kwiligi.
UKomphela, okunguyena onyusele uMabasa kwiDStv Premiership esuka esikimini seDStv Diski Challenye seBlomfontein Celtic eminyakeni edlule, uthe ubona lo mgadli ezohlala isikhathi eside ebholeni ngenxa yobuhlakani bakhe nezinga eliphezulu lokuqonda lo mdlalo.
Uthe usamkhumbuza namanje amazwi amtshela wona ngesikhathi emenyusela esikimini esikhulu kwiCeltic.
“Ngisebenzile noMabasa kwiBloemfontein Celtic futhi ngimlande ezinhlakeni zokuthuthukisa abadlali. Ngitshale imbewu yokuthi ‘lalela, uzoba ngumgadli omuhle.
“Okokuqala unekhono, uphuma emndenini ohlangene nokwesekayo. Nali ithuba kwiCeltic. Okufanele ukwenze wukugxilisa umqondo, usebenze kanzima. Uhlala engikhumbuza lokhu,” kusho uKomphela.
Uqhubeke ngokuthi ngesikhathi behlangana kwiSwallows, kube yinto efanayo. Usenekhono nesifiso esifanayo, usazithobile, uhlakaniphe kakhulu.
Uveze ukuthi iphutha abalenzayo njengabaqeqeshi wukwenza abantu bakholwe ukuthi ibhola lidlalwa ngezinyawo.
Uthe ibhola lidlalwa ngekhanda, labo abahlakaniphile, bazohlala isikhathi eside kulo mdlalo. Labo abakuqondayo ukuthi udlala ngekhanda ebholeni, baqala ukucabanga ngendlela ehlukile. UMabasa unjalo.
UMabasa ulamukele ngezandla zombili ithuba lokuqala imidlalo kwiPirates alithole njengoba kusalimele u-Evidence Makgopa.
Abanye abagadli abanga nabo ijezi kweZimnyama nguZakhele Lephasa noKermit Erasmus ophelelwa yinkontileka ekupheleni kwesizini.
UMabasa useshayele iPirates amagoli amathathu emidlalweni emibili yeNedbank Cup.
“Mhlawumbe kufanele ngisho into engeke ihlale kahle kwabaningi. Ngiyakholwa wukuthi uma ubheka abagadli esinabo ezweni, uMabasa ubalwa nabaphezulu. Lo mfana uphiwe ngendlela emangazayo. Uyakwazi ukuqobela phakathi amagoli nokungena ezikhaleni phambili. Uma ukhuluma naye mayelana nomdlalo...(uyawuqonda) ngoba kubalulekile ukuxoxa nabadlali bakho. Uyakuqonda ukuthi bawubona kanjani umdlalo. Ukulelo zinga eliphezulu lokuqonda ibhola. Uma unalelo zinga eliphezulu lokuqonda ibhola, uyakwazi ukumelana nalo. UMabasa ukulelo zinga futhi ngimfisela konke okuhle,” kusho uKomphela.