UMQEQESHI weChippa United, uDaine Klate, ukubona njengesikhali esingaba usizo ukuthi kulindeleke ukuthi izigwazele ibhece kubona iMamelodi Sundowns abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
UKlate ukusho lokhu kulandela ukukhala ngaphansi kwezakhe ngo-3-2 kwiLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo ePrincess Magogo.
IChippa, ebisiphungwa ngezithebe esiwombeni sesibili okuyisona futhi eshaye ngaso amagoli ayo, elika-Etiosa Ighodaro noRonald Pfumbidzai, izokwamukela i’Downs esazikhotha amanxeba kulandela ukushaywa kwayo okwesibili kule sizini, ekuthole komakhelwane bayo, iSuperSport United, ngoLwesihlanu. ISundowns ihlulwe ngo-2-1 ngoLwesihlanu ekuhambeni koweligi.
“ISundowns yiqembu elinakho konke esikudingayo singabaqeqeshi kuleli uma kuziwa ngakubadlali ngakho-ke vele kulindeleke ukuthi izidlele amahlanga kithina okuyinto esingayisebenzisa njengesikhali,” kusho uKlate kwabezindaba.
“Engingakusho ngingesabi ukuthi sizobahlonipha ngendlela efanele kodwa lokhu kuzobe kungasho ukuthi siyabesaba.
“Esikukhonjiswe yiSuperSport kufanele kusikhumbuze njalo ukuthi singawuthola umphumela omuhle kulo mdlalo wethu neSundowns, yinqobo nje uma sizozibophezela ekutheni sizosebenza kakhulu kunasemihleni.”
“I-TS Galaxy neSuperSport basikhombisile indlela ngakho-ke angisiboni isidingo sokwamukela iSundowns ngovalo enkundleni yethu. Esingakwenza kangcono ukuqala ngendlela esiqede ngayo kwi-Arrows,” kulandisa uKlate.
“Nginenkinga ngendlela esiqala ngayo imidlalo njengoba kwenzekile nakoweRoyal AM. Umsebenzi enginawo ukuthola ukuthi kungani kudingeka ukuthi ngize ngikhulume nabo ngesikhathi sekhefu abadlali bami bese kuba ima bephaphama?
“Lokhu ngizozihlupha ngakho ngoba uma sike sakulungisa sizoba yiqembu okungelula ukudlala nalo,” kusho yena.
Yize aziwa ngokunganqeni ukuxosha abaqeqeshi usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi, uKlate uhleli ngokunethezeka kulesi sihlalo.
“Iqiniso ukuthi umsebenzi wethu uxhumeke emiphumeleni vele ngakho-ke kuyaphoqa ukuthi siyiguqule ngokushesha ivune thina eyethu.
“Akukho okungithusayo kulesi sihlalo ngoba iqembu lonke liyaqonda ukuthi senzani futhi lokhu esikwenzayo sikwenza ngabafana abancane abazodinga isikhathi sokujwayela (yize naso singekho),” kusho uKlate.