OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, uJimmy “Gusheshe” Kauleza, ufisa abaphathi baleli qembu bamnike elinye ithuba uKermit Erasmus ophelelwa yinkontileka ekupheleni kwesizini.
U-Erasmus (33) obuyele kweZimnyama esuka kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule, usesizwa isikimu ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.
Lo mgadli obekubhekwe lukhulu kuyena usadlale imidlalo yeligi eyisithupha kuphela kule sizini ka-2023/2024 futhi akanalo nelokubika igoli.
Selokhu kuqale unyaka ka-2024, u-Erasmus akakaze ahlale ngisho ebhentshini kweZimnyama.
Kule sizini kwiPirates kushintshana uZakhele Lepasa ongasayiqali imidlalo, Evidence Makgopa osalimele noTshegofatso Mabasa obebolekiswe kwiMoroka Swalows.
Kunamahlebezi okuthi iPirates ngeke isayivuselela inkontileka ka-Erasmus okuvela ukuthi akayithathi kahle eyokuphendulwa isibukeli kuleli qembu. Ugcine ukudlala ngoNovemba nyakenye ngesikhathi iPirates ibhekene neRichards Bay.
UKauleza odlale kweZimnyama phakathi kuka-2002 no-2005, uthe leli qembu kufanele limnike inkontileka entsha u-Erasmus.
“UKermit ngumgadli osezingeni eliphezulu, wamnika ibhola uzolishaya igoli. Kufanele anikezwe elinye ithuba kwiPirates.
“Awukwazi ukulahla isipiliyoni esingaka, lokhu sekubonakele ngoBongani Zungu kwiMamelodi Sundowns. Bekubukeka sengathi izomchitha kodwa kule midlalo anikwe yona ilandelana, usekhombisile ukuthi usengumdlali obalulekile.
“Abadlali abanesipiliyoni abaphelelwa wushatini kalula. Uma umfaka njalo esikimini, uyalibona izinga lakhe. Ngokwami, uKermit usabalulekile kwiPirates.
“Uyabehlula abanye abagadli abafana noLepasa noMakgopa ngoba ungumakadebona. Kufanele anikwe enye inkontileka, aqhubeke asebenzele iqembu,”kusho uKauleza.
Kule sizini, iPirates isiwine indebe yeMTN 8 futhi isenalo nethuba nelokuphakamisa eyeNedbank Cup. Sekuphele iminyaka yagcina ukuwina iligi yeDStv Premiership.
Bekubukeka eZimnyama zizoyimisa kabi iSundowns embangweni weligi kodwa konke kuyashabalala ngenxa yegebe lamaphuzu eselivulwe ngamaBrazilians esicongweni se-log.
IPirates isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-33 emuva kwemidlalo engu-20. ISundowns isazihola phambili ngawu-46 emidlalweni engu-18.
“IPirates idlala kahle futhi ishaya ngenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa angazi ukuthi ihlulwa yini ukubanga iligi neSundowns. Idlala ibhola elihle lokusebenzisa ijubane, engikuthokozelayo ukulibuka. Ingikhumbuza ngisadlala kwiFree State Stars noDavid Radebe.
“Ngicabanga ukuthi iphunyuka kumqeqeshi ngenxa yokushintsha njalo isikimu. Ubophela laba badlali, emuva kwemidlalo emithathu usefaka abanye. Kumanje uNdlondlo (Ndabayithethwa) usehlala ebhentshini. Asazi ukuthi kungani,” kuphetha uKauleza.