UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usola ukuthi abadlali bakhe badlale neChippa United kwiBetway Premierahip omunye umqondo ukowomlenze wesibili weyokuhlungela eyamaqoqo yeCaf Champions League neJwaneng Galaxy ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IPirates inqobe ngo 2-1 wamagoli kaTshegofatso Mabasa okube yiphenathi nelikaMonnapule Saleng ngesikhathi ivula eyeligi enkundleni efanayo ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlalo iPirates iwunqobe ngemizuzu yokugcina esikhathini sikanompempe. Ike yalandela ngemuva esiwomben isokuqala kwazise iChippa iyona eyibone kuqala inethi ngegoli lika-Andile Jali.
Emuva komdlalo uRiveiro utshele abezindaba esithangamini nabo ukuthi uqaphele ‘umkhuba’ angafuni uqhubeke kubadlali bakhe ngesikhathi benqoba kwiChippa.
“Angifuni sikujwayele ukuthi sinawo amava okubuya sekuvalwe amehlo ngoba lona ‘umkhuba’ oyosikhubaza ngelinye ilanga,” kubalisa uRiveiro.
Lo mqeqeshi waseSpain uzwakale njengomuntu onezinsolo ngokuqala kweqembu lakhe ngonyawo lonwabu.
“Ngeke sikubalekele ukuthi kuyimpilo yeqembu elithathwa njengelikhulu njengePirates ukudlala inqwaba yemidlalo eduze ngakho-ke asikhonondi.
“Yize kunjalo kodwa akuyona into encane ukudlala imiqhudelwano emithathu lapho imidlalo yakhona ithothene esikhathini esifishane. Kunzima!
“Nginazo izinsolo zokuthi abadlali bami badlale lo mdlalo becabanga ngowomlenze wesibili neJwaneng okuwumdlalo ongeke ubelula.
“Nakhona akulula ukubagxeka ngoba vele ngeke sibe naso isikhathi sokwetshisa oweChippa ngaphambi kokubhekana neJwaneng kowomlenze wesibili.
“Singazitshela ukuthi umsebenzi sesiwuqedile ngokunqoba eBotswana kodwa iqiniso ukuthi iJwaneng kumanje imatasa izama ukuqhamuka namaqhinga okuguqula isimo ekusona.
“Kungaba yiphutha ukungayihleleli ngendlela efanele iJwaneng ngoba angingabazi ukuthi izowufaka wonke umfutho ezokwazi ukuwufaka kulo mdlalo.
“Isifundo esibuye naso kwiChippa ukuthi uma siqala ngokuzithambisa sivulela isitha ukuba sikhushukelwe ukuzethemba,” kusho uRiveiro.
Selokhu kuqale isizini ka-2024/2025 iPirates ingelinye lamaqembu asenemidlalo eminingi kuleli. Iqale ngeyomzuliswano wokuqala wokuhlunga yeCaf lapho ikhiphe iDesciples yaseMadagascar. Izodlala owamanqamu eMTN8 neStellenbosch ngo-Okthoba 5. Ngaphambi kwalokho izodlala nePolokwane City ngoLwesibili, bese ibhekana neRichards Bay ngoSepthemba 29 kweyeligi.
Imidlalo yeCaf:
Champions League - ngoMgqibelo -Ngo-6pm: Mamelodi Sundowns v Mbabane Swallows (iSundowns iyahamba phambili ngo 4-0).
Confederation Cup - ngoMgqibelo - Ngo-6pm: Sekhukhune v Lunda Sul (ILunda ihamba phambili ngo 1-0)
NgeSonto - Ng o-4pm:Vita Club v Stellenbosch (IStellenbosch ihamba phambili ngo 2-0).
Imidlalo yeBetway Premiership kule mpelasonto:
ngoMgqibelo - Ngo-3pm: Lamontville Golden Arrows v Marumo Gallants (Mpumalanga Stadium); Magesi FC v Polokwane City (Old Peter Mokaba Stadium.)
Ngo-6pm: SuperSport United v Royal AM (TUT Stadium).
Ngo-8pm: Chippa United v Richards Bay FC (Buffalo Municipality City Stadium).