UMKHAYA kaKhama Billiat ukholwa wukuthi amaqembu ePremier Soccer League asheshile ‘ukuchizela’ lo mgadli ogcine ukubonakala kuleli egijima kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini ka-2022/2023.
UTapuwa Kapini oke wadlala kuMaZulu FC kwiBetway Premiership, odabuka ezweni elilodwa noBilliat, eZimbabwe, ubona ukuthi amaqembu akuleli abesangamsebenzisa lo mgadli.
UBilliat (34) uphindele ekhaya eZimbabwe, wayoyina iYadah FC emuva kokwehluleka ukuthola elinye iqembu kulandela ukuhlukana neChiefs ekupheleni kwesizini edlule.
IChiefs yamemezela ukuthi lo mgadli unyamalele zisephakathi izingxoxo mayelana nenkontileka entsha okwavela ukuthi ibinombandela wokuthi ubezokwehliselwa umholo.
UBilliat, okuvela ukuthi uhola kakhulu kunabo bonke abadlali kwiligi yaseZimbabwe iCastle Lager Premier League, useshaye amagoli ayisishiyagalolunye kule sizini. Ngaphezu kwalokho, uqokwe njengomdlali ovelele wangoJulayi kule ligi.
UKapini, osengumqeqeshi wonozinti eqenjini leSekhukhune United eliyibamba kwiDStv Diski Challenge (DDC), ubona ukuthi amaqembu aseMzansi azibe uBilliat ngenxa yokuthi usehanjelwe yiminyaka.
“Emqondweni wabantu base-Afrika, uma umdlali eseneminyaka engu-32 usemdala. UHugo Broos (umqeqeshi weBafana Bafana) wathi uThemba Zwane usemdala kodwa manje usethwele iqembu lesizwe. UTshabalala (Siphiwe) noYeye (Reneilwe Letsholonyane) basengadlala kodwa amaqembu awasababheki. UKhama akufanele ngabe akalitholanga iqembu kwiPremiership uma ubheka izinga akulona njengomdlali,” kusho uKapini.
Ukudlala kahle kukaBilliat akubuzwa ukuthi kuzobuyisa izinkulumo mayelana nokuthi abuyele eqenjini lesizwe alilaxaza eminyakeni edlule ekhala ngokungahleleki kwezinto ngaphansi kobuholi obudala. Lo mdlali wathatha umhlalaphansi ekudlaleleni iqembu lesizwe kanye noKnowledge Musona odlala eSaudi Arabia. IZimbabwe izodlala neKenya emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngeSepthemba 4.
“UKhama kufanele abuyele eqenjini lesizwe ayokhombisa ukuthi akuphelile ngaye. Unolwazi olunzulu ngenxa yabaqeqeshi abamqeqeshile emaqenjini adlale kuwona okukhona kuwona i-Ajax Cape Town, Mamelodi Sundowns neChiefs. Iqembu lesizwe liyamdinga ukuze lizibekisele indawo emiqhudelwaneni emikhulu. Izinga lebhola lehlile eZimbabwe ngenxa yokuthi abasebaningi abadlali abadlala eNingizimu Afrika,” kusho uKapini.