UMNDENI wowesilisa okuthiwa wadutshulwa wabulawa yiphoyisa ngoba encike emotweni yalo eMolweni, eThekwini, ukhala “ngokucanasa’’ kwalo.
Umufi uMnuz Qaphela Mdima wadutshulwa ngaphandle kwendawo yobumnandi i-Casablanca Lifestyle, ngoNovemba 2022.
Kwaboshwa uSergeant Sibonelo Christopher Shabangu ongumsolwa wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.
Selihlehle izikhawu ezintathu icala sekumele uShabangu ethule ubufakazi eNkantolo yesiFunda ePinetown, ngokwenzeka.
Lokhu sekunenge umndeni kamufi okhala ngokuthi akucaci nanezizathu zokuthi yini ebambezela ukuthi kuqhutshekelwe phambili necala.
Umfowabo kamufi, uMnuz Qiniso Mdima, uthe sekuqala ukubakhathaza lokhu.
“Sekuyophela unyaka wesibili umfowethu abulawa nguShabangu kodwa yena uyazicanisela nje wanikezwa nebheyili. Thina sizwa ubuhlungu bokuthi sashonelwa, nokumbona kwethu (uShabangu) enkantolo kuvusa amanxeba ngoba namanje asazi wambulalelani,’’ usho kanje.
Ukhuluma kanjena nje, uthe ufike kule nkantolo ezolalela icala kodwa watshelwa ukuthi lahlehliswa bona bewumndeni bengazi.
Uthe uthole esesenkantolo ukuthi icala lihlehlele u-Okthoba 8 no-9 enkantolo efanayo.
“Ukuya enkantolo kungenzeki lutho kubonakala sengathi wukuhlehlela emuva ngoba bese sithi silindele isiphetho secala. Nethemba liya ngokushabalala ukuthi ubulungiswa siyobuthola ekubeni sibubheke ngabomvu,’’ echaza.
Uveze ukuthi izingane zikamufi ezinhlanu zidonsa kanzima kusukela ahamba emhlabeni.
UMbuso sewaluphothula uhlelo lwawo lokubiza ofakazi, izintambo waziphonsa kuMnuz Andile Dkela ongummeli kaShabangu.