KUBHEKWE isinqumo seKaizer Chiefs ngesilomo esincane somdlali wayo, uMfundo “Obrigado” Vilakazi, esiqokelwe eqenjini lesizwe lika-Under 20 eliyodlala emqhudelwaneni iCosafa Championships.
UVilakazi (18) ujabulise abalandeli beChiefs ngempelasonto edlule, eyishayela igoli lokuwina emdlalweni wokuqala we-Betway Premiership eyehlule kuwona ngo 2-1 iMarumo Gallants eBloemfontein. Nakuba lo mdlali engene esiwombeni sesibili kodwa kuhlale obala ukuthi ungomunye umqeqeshi uNasreddine Nabi azothembela kubona njengoba elibumba kabusha iqembu.
UVilakazi ukubadlali abangu-20 abaqokwe ngumqeqeshi welesizwe, uRaymand Mdaka, abazomela iNingizimu Afrika kwiCosafa ezoba seMozambique, kusukela ngoSepthemba 25 kuya ku-Okthoba 5.
Abanye abadlali beChiefs abaqokiwe ngunozinti weqembu leDStv Diski Challenge, uTakalani Mazhamba noGopolang Taunyana. Elakuleli lizolwela ukungena emqhudelwaneni i-Caf U/20 Africa Cup of Nations esetshenziselwa ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba seChile ngonyaka ozayo.
Abafana bakaMdaka bakuGroup C lapho beqhathwe neComoros, Lesotho neMalawi.
Ukwenza kahle kukaVilakazi kwiChiefs, kungenzeka kuholele ekutheni ingamvumeli ukuyodlala kwiCosafa ikakhulukazi njengoba lo mqhudelwano ungekho ekhalendeni leFifa, okusho ukuthi amaqembu awanaso isibopho ukukhulula abadlali. Uma Amakhosi emdedela, azodlala imidlalo emibili ngaphandle kwakhe. Azobhekana naMaZulu eThekwini, ngoLwesithathu neMamelodi Sundowns ngoSepthemba 28.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe usazoyizwa ehhovisi indaba kaVilakazi neqembu lesizwe. Wakhala ngokuxineka emcimbini ebebenawo nabaxhasi uVodacom izolo.
Abanye abadlali okungenzeka bahoxiswe ngamaqembu abo kukhona uTiwani Asekho weMamelodi Sundowns oshaye into ecokeme ngesikhathi ibhekene neSuperSport United ngoLwesibili koweligi. ICape Town Spurs kuvele ukuthi inqabe nabadlali ababili okunguLuke Baartman nomdlali wasemuva, uSiviwe Nkwali.
Esitatimendeni esikhishwe yiSafa ngoLwesibili, uMdaka ukuqinisekisile ukuthi kukhona amaqembu anqabile nabadlali bawo.
“Nakuba amanye amaqembu enqabile nabadlali ebesibacelele lo mqhudelwano, ngiyakholwa wukuthi siqoke iqembu eliqinile futhi sizophumelela ukuzuza lokhu esizibekele khona. Inhloso yethu ibivele icacile kusukela ngosuku lokuqala ngithathe lesi sikhundla. Kufanele sizibekisele indawo koweNdebe yoMhlaba ka-2025. Ukuze senze lokho sidinga ukuba ngelinye lamaqembu amabili aphezulu kumaChampionships. Siyabonga emaqenjini adedele abadlali bawo futhi sizoqinisekisa ukuthi siyakufeza esizibekele khona,” kusho uMdaka.