UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, usonga ngokuthi i-Orlando Pirates izobhekana neqembu elihluke kakhulu kunelihlulile emdlalweni womzuliswano wokuqala weligi nyakenye.
IChiefs izobhekana nePirates emdlalweni weDStv Premiership wabakhaya baseSoweto ozoba seFNB Stadium, eNasrec, namuhla ngo-3.30 ntambama. Ngesikhathi la maqembu egcina ukugadulisana ngoNovemba nyakenye, iChiefs ikhale ngaphansi ngo 1-0. Lowo mdlalo ubungowesithathu kaJohnson ebanjiswe izintambo zokupheka Amakhosi kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki.
Emidlalweni yakamuva eyisishiyagalombili ngaphansi kukaJohnson, iChiefs isangenelwe yigoli elilodwa futhi ayiyazi induku kule midlalo. Ngaphambi kokunikwa isikhundla kukaJohnson, iChiefs kade ingajwayele ukuqeda umdlalo ingalilandanga ibhola enethini.
UJohnson uthe iPirates izofica iChiefs ehluke kakhulu.
“Sesingcono kakhulu kunalokhu esikucabangayo. Sesakhile ngokuhamba kwesikhathi. Sisangenelwe yigoli emidlalweni eyisishiyagalombili futhi asikaze sihlulwe emidlalweni eyisishiyagalombili. Ngakho lokhu kusinikeza ukukhanya ngokuthi noma ngabe yini lena esiyakhayo iya ngokuqina.
“Omunye wozakwethu wathi indlela engcono yokuwina iligi wukuba nodonga lwasemuva oluhle. Ngakho sinakho lokho, sakhela phezu kwakho. Kufanele siphume siyothokozisa abantu sishaye amagoli. Sekungcono kakhulu kusukela esikhathini esidlule ngidlala lo mdlalo wabakhaya,” kusho uJohnson.
Nakuba lo mqeqeshi ezishaya isifuba ngokungavuzisi emuva kweqembu lakhe kodwa usahlalelwe wumsebenzi wokulungisa phambili. IChiefs isayishaye kanye inethi emidlalweni emine yakamuva. Akubuzwa ukuthi lokhu yikhona okuphathisa ngekhanda uJohnson obheke ukungena emlandweni wamaqeqeshi abawine umdlalo wabakhaya ohlukanisa phakathi abalandeli bebhola eNingizimu Afrika.
UJohnson uveze ukuthi sebenesikhathi beyicubungula iPirates nezinguquko ezenziwa ngumqeqeshi wayo uJose Riveiro.
“Singabaqeqeshi baleli qembu, akuthina kuphela abaqeqeshi abahola leli qembu. Sinabantu abaningi ngemuva abangisizayo ukugcina izinga lokubheka izinto eqenjini nokubheka ukuthi iPirates kade yenzani emidlalweni yayo eyishumi edlule nokuthi yini umholi wayo aseyihlanganisile, iqembu uselishintshe kanjani ngezindlela ezahlukene. Uselishintshe kanjani iqembu ezigabeni ezahlukene uma bedlala emini noma bedlala ebusuku. Yini aseyenzile. Sizama ukunwaya amakhanda ukuze sinike abadlali bethu ulwazi oluyilo,” kusho uJohnson.
“Nginesiqiniseko sokuthi nePirates yenza okufanayo. Sekunesikhathi sizilungiselela. Asiqalanga izolo, siqale emasontweni amabili noma amathathu adlule lapho ubheka khona imidlalo ephambi kwakho, ubuka ukuthi uzodlala nobani. Emuva kwethu kunethimba labantu abasebenza kanzima ukuqonda ukuthi iPirates kade yenzani emidlalweni eyishumi edlule.”
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-3.30pm: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium).
Ngo-5.30pm: Stellenbosch v Cape Town Spurs (Danie Craven); Moroka Swallows v Sekhukhune United (Dobsonville Stadium); SuperSport United v AmaZulu (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-8pm: Mamelodi Sundowns v Chippa United (Lucas Moripe); Richards Bay v TS Galaxy (King Zwelithini Stadium)
Kusasa - Ngo-3.30pm: Polokwane City v Golden Arrows (Old Peter Mokaba)
Ngo-5.45pm: Royal AM v Cape Town City (Harry Gwala Stadium).