UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, ukhomba ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon) ngokuthi liphazamise ‘indlela yeKaizer Chiefs’ yokudlala abebona isitshalekile kubadlali bakhe.
IChiefs ishiye abalandeli bayo bejabhile ngesikhathi ibanjwa yiRoyal AM ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eMphithi, ngempelasonto. Emuva komdlalo, uJohnson akakufihlanga ukuthi akaneme ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo.
Ngesikhathi ethatha umsebenzi wokupheka iqembu ezinyangeni ezedlule, wathi ufuna ukubuyisa indlela yokudlala yeqembu eyalakhela ugazi kubalandeli baseMzansi eminyakeni edlule.
Esithangamini nabezindaba eGoli , uJohnson uthe sekuhlakazekile abekubona sekuhlangana ngaphambi kwe-Afcon.
“Ngonyaka odlule ngaphambi kokuvala, sidlale imidlalo eyisihlanu, sawina emine, sadlala ngokulingana kowodwa. Kade sekulunga kancane, kancane. Kodwa ngenxa yekhefu, umgqigqo ushone phansi.
Sidlale neRoyal AM, sabhekana nonozinti amahlandla amane noma ayisihlanu sangakusebenzisa lokho. Kubukeka sibe nomdlalo omubi futhi mina ngiwumqeqeshi ngikushilo emuva komdlalo ukuthi asidlalanga kahle. Besinganethezekile ebholeni,” kusho uJohnson.
“Ngakho ngicabanga ukuthi kusekude phambili. Nginesiqiniseko sokuthi sizofika ngabadlali esinabo. Sizoyidlala imidlalo engemihle futhi ngicabanga ukuthi sizoyidlala imidlalo engcono ngokuhamba kwesikhathi.
Nginethemba lokuthi onkulunkulu bebhola banami nasohlangothini lweqembu. Kuthatha isikhathi kodwa imidlalo ithothene. Ngakho emuva kweNedbank, sizokwazi ukuhlanganisa ngokushesha.
Kwesinye isikhathi uma umshini usebenza njalo, uya ngokuba ngcono. Nginethemba lokuthi sizofika lapho esifuna ukufika khona nokuhlanganisa lokhu engikhulume ngakho ngesikhathi ngithatha lesi sikhundla.”
NgeSonto, uJohnson, uhlalelwe wumsebenzi wokubophela isikimu esizojabulisa abalandeli emdlalweni weNedbank Cup. Amakhosi azokwamukela iMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship kowe-Last 32 eFNB Stadium, eNasrec, ngo-6 ntambama.
Leli qembu lijwayele ukuthwala kanzima kulo mqhudelwano uma libhekene namaqembu adlala ezigabeni eziphansi.
“Sihlala sikhuluma ngamaqembu esizobhekana nawo kodwa iMilford kithina iyimfihlo. Sizamile ukuyibheka futhi kukhona esikutholile. Bayiqembu elisha kwiNFD. Bathenge Uthongathi ekuqaleni kwesizini.
Ngesikhathi sibheka sithole ukuthi kunomdlali okuthiwa nguZama okunguyena obenza baqine. Sibheke nabanye abadlali nezinye izingxenye zeqembu.
Sibhekene neqembu leNFD siyiKaizer futhi siwulungele umdlalo. Siyazi ukuthi kusho ukuthini eqenjini nakubalandeli. Sidlala neMilford, sizoyihlonipha ngokwebhola. Ngakho sizozilungiselela ngokwedlulele.
Maphakathi nesizini sihlala sizama ukudlala namaqembu eNFD futhi sihlala sithwala kanzima. Ngakho kufanele silenyuse izinga sifike ku-200% siyiKaizer Chiefs,” kusho uJohnson.
Imidlalo yangempelasonto yeNedbank Cup:
Namuhla - Ngo-7pm: Golden Arrows v Royal AM (Mpumalanga Stadium); Stellenbosch v Pretoria Callies (Danie Craven).
Kusasa - Ngo-3pm: JDR v Hungry Lions (Soshanguve Giant Stadium); Platinum City Rovers v Moroka Swallows (Isak Steyl Stadium); Ravens v Spain (Princess Magogo Stadium); Crystal Lake v Orlando Pirates (Mbombela Stadium).
Ngo-6pm: Richards Bay v Polokwane City (King Zwelithini Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: D’General v Madridstas (Free State Stadium); Maritzburg United v Paarl United (Princess Magogo Stadium); NC Pros v Chippa United (Mxolisi Dicky Stadium).
Ngo-6pm: Kaizer Chiefs v Milford (FNB Stadium).