KUSEQHULWINI ukujabulisa abalandeli beKaizer Chiefs kumqeqeshi, uCavin Johnson, onethuba lokugcina lokusiza leli qembu liphakamise indebe ngesizini ka-2023/2024.
IChiefs izogadulisana neMilford FC emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup eFNB Stadium, eNasrec, ngeSonto ngo-6 ntambama. IMilford yaKwaZulu-Natal, idlala esigabeni esingezansi kweDStv Premiership, iMotsepe Foundation Championship.
Kule sizini, Amakhosi asephunyukwe yizindebe ezimbili okuyiMTN8 edliwe yi-Orlando Pirates neCarling Knockout ephelele kwiStellenbosch eKapa. Isicoco seligi yePremiership, akubukeki kukhona engakuzama ngaso iChiefs kwazise iMamelodi Sundowns ibukeka ishosholoza naso.
IChiefs yagcina ukuwina indebe ngesizini ka-2014/2015 ngesikhathi iphakamisa iligi neMTN8 isaqeqeshwa nguStuart Baxter.
UJohnson, obanjiswe isikhundla sokuqeqesha iChiefs ngo-Okthoba nyakenye, ulangazelela ukuqeda isomiso seminyaka.
“Kungaba yinto enkulu kimina, kwiChiefs nakubalandeli abaningi esinabo. Ngicabanga ukuthi wonke amaqembu kwiPSL agcizelela eyokuwina noma iyiphi indebe. Angicabangi ukuthi sihlukile,” kusho uJohnson.
“Noma yimuphi umqeqeshi osebenze lapha eqenjini ubefuna ukuwina noma iyiphi indebe edlalelwayo. Ukuba ngifike kusaqala isizini lapha ngabe ngithi kunezindebe ezine, ngifuna ukuziwina zonke. Uma unabalandeli abaningi njengelaleli qembu, ufuna ukuziwina zonke izindebe. Lena eyokugcina esiyibanga sonke futhi kuqala umqhudelwano omusha. Sizofaka wonke amandla kulo mqhudelwano. NgeSonto sizoyidlalela ngokusemandleni ethu le ndebe.”
Nakuba uJonhson efuna ukujabulisa abalandeli beChiefs kodwa akubuzwa ukuthi kunebohlololo kubona ngenxa yokubhacaza kweqembu labo ngempelasonto edlule ngesikhathi libanjwa yiRoyal AM ngo 0-0 koweligi eMgungundlovu.
UJohnson uveze ukuthi kungenzeka anike ithuba abadlali abasebancane koweMilford. Amakhosi asanda kukhuphulela esikimini esikhulu abadlali abebeyibamba kwiDStv Diski Challenge, okukhona kubona intandokazi yabalandeli uMfundo Vilakazi noDonnay Jansen. Ngaphezu kwalaba kukhona uWandile Duba, Samkelo Zwane nabanye.
“Eqenjini kuningi okuhle, ngokuhle kukhona abadlali abasebancane, bona beza nomsebenzi enkundleni ozokwenza abantu abangaphandle kwaseNaturena abasesekayo bajabule ngokungaphezulu. Ngicabanga ukuthi esikwenza kahle siyiKaizer Chiefs wukuthi siyakwazi okufanele sikwenze ukuze sijabulise abalandeli abangu-16 million. Kimina iyona indebe enkulu kunazo zonke engingayiwina uma ngibenze bamamatheka. Kungani? Yingoba sengike ngabona ukuthi kunjani ukujabulisa abalandeli abangu-16 million. Bazomamatheka maduzane. Umdali angisize,” kusho uJohnson.