BAYILUNGELE inselelo “yokuvusa” AmaZulu abaqeqeshi abasha okungu-Arthur “10111’’ Zwane noVusumuzi “Kanu” Vilakazi abathweswe ijoka lokubeka Usuthu esicongweni.
AmaZulu akhombe indlela umqeqeshi waseSpain, uPablo Martin, ohlulekile ukufeza izimfuno zabaphathi. Ngesizini edlule, wehlulekile ukulifaka ku-Top 8. Wehlulwe kuyona yonke imidlalo emithathu yokuqala kule sizini ka-2023/2024. UMartin ushiye Usuthu endaweni ka-14 kwi-log yeBetway Premiership phezu kokushaya ngenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu.
Esinyathelweni sokulungisa Usuthu, abaphathi baqoke ukulanda uZwane kwiKaizer Chiefs noVilakazi ojoyine leli qembu emasontweni ambalwa adlule ezoqeqesha eleDStv Diski Challenge (DDC). UZwane akaqali ukudlubha ezoSuthu kwazise wadlala kulona ngesizini ka-1997/1998 ebolekiswe yi-Orlando Pirates. Udalule okumenze wavumela phezulu ngesikhathi abaphathi befuna azoqeqesha leli qembu.
“Leli qembu linomlando onothile futhi likhiqize abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu okukhona kubona uSimon Magagula, Joe Mlaba noJoel Faya ongasekho. Lalinabadlali beqophelo eliphezulu eminyakeni edlule futhi liqinile. Ngathola ithuba lokuzodlala lapha nakuba kwaba yizinyanga eziyisithupha. Umfowethu (Ivan Zwane) wadlala cishe amasizini amabili lapha. Lokhu kusho ukuthi igazi lethu liluhlaza okunokumhlophe,”kusho uZwane.
UZwane noVilakazi babhekana kaningi ngesikhathi besaqeqesha kwiDiski eminyakeni edlule. UZwane wayepheka iChiefs, uVilakazi wayeyibambe kwiLamontville Golden Arrows awina nayo iligi kabili. Nokho kukhona abashaya amakhala ngokunikwa kwabo isikhundla sokuqeqesha ngokulinganayo esikhundleni sokuthi omunye enziwe iphini.
“Ngesikhathi bekhuluma nami, angizange ngingabaze. Nokwazi ukuthi ngizosebenza noKanu, kwengeze okuthize kimina ngoba sazana kusukela kudala futhi singabaqeqeshi besimanje. Lokhu angikusho kabi. Sicabanga ngendlela efanayo uma ubheka amaqembu asewaqeqeshile nesitayela sami sokuqeqesha. Ngicabanga ukuthi isitayela sethu. Imibono yethu iyafana uma sixoxa ngebhola nangaphandle kwenkundla. Okubalulekile kithina wukuqala ngegiya eliphezulu. Siyazi ukuthi abalandeli babeke ithemba kithina ukuthi sishintshe izinto. Sizele ukuzokwenza lokho lapha. Yiqembu elikhulu leli, kufanele senze izinto kahle,”kusho uZwane.
UVikakazi uthe:“Ukhiye ngokuqeqesha ngababili wukubambisana. Nginabo ubuthaka nalapho ngimandla khona. No-Arthur unabo ubuthaka futhi kukhona lapho emandla khona. Ngidinga ukuvala lapho ebuthaka khona, naye kanjalo lapho engibuthaka khona. Ngibabukile abadlali esinabo nezinga labo. Angicabangi ukuthi umsebenzi uzoba nzima,”kusho uVilakazi.
UZwane noVilakazi bazohlala ebhentshini loSuthu okokuqala uma sebebhekene neStellenbosch FC emdlalweni weCarling Knockout, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.