UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uHappy Jele, udonse ngendlebe abadlali abasebancane ngokuthi bangalinge bazifake ingcindezi yokwenza izimanga emdlalweni wabakhaya kodwa badlale ngendlela abayijwayele.
I-Pirates izokwamukela iKaizer Chiefs emdlalweni wabakhaya baseSoweto we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-3.30 ntambama.
I-Pirates isayinise inqwaba yabadlali ekuqaleni kwesizini, okukhona kubona nabasebancane. Kubona kukhona uVincent Pule osephenduke isethenjwa, Ben Motshwari oseyenze eyakhe indawo enkabeni yenkudla noCiao Marcelo waseBrazil oyibamba maphakathi emuva noJele.
Laba badlali kulindeleke ukuthi bathole indawo esikimini somqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, esizoqala umdlalo kusasa. UPule usezwakalise isifiso sokushaya into ecokeme kowabakhaya.
UJele wuyena osedlale imidlalo yabakhaya eminingi kunabo bonke abadlali ekhempini yePirates.
“Kubadlali abasebancane uPule, Motshwari noMarcelo, ngifuna ukuthi badlale ngendlela abayijwayele ngoba zizobe zidlana imilala ngamaqhinga. Kodwa ukudlala phambi kwabantu abawu-90 000 enkundleni kuyisibusiso. ENingizimu Afrika awubatholi abalandeli abangaka ukuthi bazokubuka. Ngakho kufanele bawuthokozele umdlalo, badlale ngendlela abayijwayele. Umdlalo wabakhaya mkhulu futhi kusuke kusebenza ubuchule kakhulu. Njengomdlali kufanele ukwazi oyokwenza enkundleni ngoba kumayelana nawe, yiqembu nomndeni. Kimina kubalulekile ukuthi siwine,” kusho uJele.
Ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi sekuphele amasonto amabili iPirates icubungula iChiefs futhi nabadlali benikezwa umsebenzi abazowenza ngabodwa okwezingane zesikole.
“Kubalulekile ukuthi sigxile kithina. Asazi ngeChiefs noma yithina esithwelwe ngeqoma noma cha. Okwethu wukunaka umdlalo ophambi kwethu. Mkhulu umsebenzi ebesiwenza ngasese futhi abadlali kade besebenza kanzima. Sizama ukufaka umfutho kulo mdlalo ophambi kwethu. Abadlali bagqugquzelekile. Lokho kuyazenzakalela uma kuza umdlalo wabakhaya. Okwethu wukwenza lokhu ebesikade sikwenza ngesikhathi siziqeqesha,” kusho uJele.
“Ngithembisa abalandeli ukuthi kuzoba wumdlalo abazowuthokozela. Thina sizozama ukwenza isiqiniseko sokuthi sithola amaphuzu agcwele. Kodwa ngaphezu kwakho konke sifuna ukuwuthokozela umdlalo.”
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla: Bidvest Wits v Highlands Park (Bidvest Stadium, 8pm)
Kusasa: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Maritzburg United (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8.15pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Black Leopards v Free States Stars (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Lamontville Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm); Bloemfontein Celtic v Baroka FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)