UDOCTOR “16V” Khumalo, odlalele iKaizer Chiefs neBafana Bafana eminyakeni edlule, ukhathazwa yindaba yabadlali baKwaZulu-Natal abashiya amaqembu akulesi sifundazwe bafudukele eGoli nakwezinye izifundazwe.
UKhumalo ugxeke amaqembu adlala ibhola elikhokhelayo eKZN ngokuhamba kwabadlali abachaza njengabanekhono nabagcina “sebengamaqhawe” kwezinye izifundazwe.
UKhumalo ukhulume naleli phephandaba ehambele iNedbank Ke Yona Team Search, eHarry Gwala Stadium, emasontweni ambalwa edlule.
“Ikhono yikubo kwalo KwaZulu-Natal, ngingabala inqwaba yabadlali esesibabonile kwiKe Yona Team Search, engingangabazi ukuthi sizobathatha sihambe nabo. Ngikhathazekile nokho ngokuthi kunenqwaba yabadlali egcina ihambile kulesi sifundazwe, iyozama inhlanhla eGoli noma eKapa.
“Lokhu akufanele neze. Kusho ukuthi iMaritzburg United, AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows kukhona abangakwenzi kahle. Kufanele bazihluphe ngokugcina laba bafana bangaze bethathwe ezinye izifundazwe. Lokhu akungiphethe neze kahle,”usho kanje uKhumalo.
Le ngwevu iphinde yakhala ngesitayela sebhola lakuleli esibona silokhu siya ngokushabalala kubadlali abasebancane.
“Sengizihambele zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika ngibheka ikhono. Engikuqaphelile ukuthi umdlali waseLimpopo nowase-Eastern Cape abadlali ibhola elifanayo. Empeleni nowaseKapa noma owaseGoli unendlela yakhe yokudlala, abefani. Yinto efanayo noma ubuka i-Absa Premiership, ungafunga ukuthi isihlahla sikaKhisimusi. Ihlukene indlela amaqembu adlala ngayo, asinayo indlela eyodwa yokudlala. Konke lokhu kuyangikhathaza, kufanele sibe nendlela eyodwa yokudlala ukuze nakwiBafana Bafana kuzoba lula ukuthi abadlali bangene khaxa,” kuchaza uKhumalo.
Eqhubeka echaza uKhumalo, ukhiphe isexwayiso esibhekise kubadlali abazoshintsha amaqembu njengoba kuzovulwa iwindi kungekudala.
“Abadlali bethu bayabhayiza ngokuvele basayine namaqembu bengazicuphile izikhala. Kunenqwaba yabadlali enamagama esayiniswe amaqembu kubhekwe lukhulu, kwafike kwabheda. Mina ngithi, abadlali kufanele babheke indawo iqembu abazolisayinela ukuthi ngelakuphi, futhi nesitayela sebhola uzoshesha yini ukusijwayela. Kufanele uma usayina neqembu ukhululeke ngokomqondo ngoba ibhola lamanje lifuna ukuthi umqondo wakho uqine ukuze uzokwazi ukumelana nezingqinamba,” kubeka uKhumalo.