UFUNA iqembu lakhe lidlale imidlalo yekhilikithi engaphezu kweyosuku eminingi ukuze bezoyilungele kangcono imidlalo yeTest umqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane leTest, uMandla Mashimbyi.
AmaProteas asonge unyaka ngokubhekana ne-England kowodwa weTest ophele ngoLwesibili, eMangaung Oval, eBloemfontein. Unqotshwe yizivakashi ngama-run angu-286.
I-England ibhethe kuqala yahlanganisa ama-run angu-395 kwi-inning yokuqala, elakuleli laphendula ngangu-281.
Kwi-innings yesibili izivakashi zishaye ama-run angu-236, kulokhu amaProteas akhishwa wonke esashaye ama-run angu-64 kuphela.
Iqembu lakuleli lidlale amaTest amathathu kulo nyaka, libhekene ne-Australia, India, ne-England, lahlulwa kuwona wonke.
Kwi-innings yokuqala uLaura Wolvaardt, Sune Luus noMarizanne Kapp bonke bakwazile ukudlula kuma-run angu-50 umdlali ngamunye, kanti uNonkululeko Mlaba ube ngowokuqala wakuleli othathe amawikhethi angu-10 kwiTest eyodwa.
UMashimbyi ukuthathe lokhu njengezimpawu zokuthi kukhona lapho iqembu lithuthuka khona.
“Kuningi okuhle esiphume nakho kulo mdlalo weTest. Awuphelanga ngendlela ebesifisa ngayo kodwa ngicabanga ukuthi kuyabonakala lapho esizama ukuya khona. Silibonile iqembu lithuthuka ngesikhathi umdlalo uqhubeka. Abashwibi bethu bayifakile ingcindezi kwi-England, nendlela esizihlele ngayo enkundleni yaba ngcono,” kusho uMashimyi.
“Kuningi okuhle okwenzekile engingathi kuzosiyisa phambili futhi senze okungcono uma liphinde livela elinye ithuba. Asinawo umdlalo weTest ohlelelwe unyaka ozayo kodwa kuwumthwalo wami ukulungisa iqembu nokuqinisekisa ukuthi abadlali bethu bayalithola ithuba lokudlala ikhilikithi ende.
“Singazama izinto ezifana nokudlala imidlalo yezinsuku ezimbili uma sinekhempu, ukuze abadlali baluqonde kangcono lolu hlobo lwekhilikithi. Ezinye izinqumo kuzofanele ziphume kulabo abaphethe.”
AmaProteas awalibonanga elidlalayo ngesikhathhi ebhekene ne-England kuzo zonke izinhlobo zekhilikithi. Ashaywe ngo 3-0 ochungechungeni lwe-T20 nango 2-1 kolwe-One Day International (ODI).
Yize kunjalo, uMashimbyi ukholelwa ekutheni iqembu lakhe alisalele emuva kangako uma liqhathaniswa ne-England namanye amazwe ahamba phambili emhlabeni.
“Uma ubheka imidlalo yeT20 neye-ODI, nawo lo we-Test, angicabangi ukuthi igebe likhulu kangako. Kube nezikhathi ezithile lapho singadlalanga khona ngendlela obekufanele sidlale ngayo kodwa besiqhudelana nabo isikhathi esiningi,” usho kanje.
“Asikude kangako kodwa kunezinto ezimbalwa okudingeka siziqinise bese siyakwazi ukubanqoba.”
Ngenyanga edlule inhlangano eyengamele ikhilikithi emhlabeni, i-International Cricket Council (ICC) ikhiphe uhlelo lwekhilikithi yabesifazane oluqala ngonyaka ozayo kuze kube u-2029, oluzonyusa isibalo semidlalo edlalwa phakathi kwamazwe, kodwa lugxile kakhulu emidlalweni ye-ODI ne-T20.