KUYABHUJWA emigwaqweni yaseNingizimu Afrika ngalesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka kwazise sekushone abantu abangu-512 ezingozini zomgwaqo ezingu-426 kusukela ekuqaleni kukaDisemba.
Iningi labantu abashonayo abasuke behamba ngezinyawo njengoba bewu-45%.
Lezi balo zesikhashana zikhishwe uNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Barbara Creecy, eTouws River eWestern Cape.
“Kuyishwa ukuthi phezu kwayo yonke imizamo esiyenzayo kodwa kuyakhuphuka ukushona kwabantu nezingozi zemigwaqo. Izibalo zakamuva zikhomba ukukhuphuka ngo-3% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule,” kusho uNkk Creecy.
Kusukela ngoDisemba 1 kuze kube izolo, bawu-98 abantu ababoshelwe ukuwela kuthelawayeka endaweni engagunyazelwe lokhu.
IEbantwini ababhubhe emgwaqweni, abangu-70%, bakhonjwa KwaZulu-Natal, Gauteng, Western Cape, Eastern Cape naseLimpopo.
Ungqongqoshe uthe lokhu kudalwa nawukuthi lezi fundazwe zinezibalo eziphezulu zabantu abahlala kuzona.
NgoLwesibili ebusuku lo mnyango ube nomhlangano nabaphathiswa abaqhamuka ezifundazweni nabezinhlaka zokuthutha.
Kuthathwe izinyathelo ezinqala esinye sazo okuwukuhlukanisa phakathi amaphoyisa aqaphe isimo emigwaqweni engu-20 emikhulu ezweni nalawo azogada emincane nengopotsho.
“Lokhu kuzokwenza sikwazi ukuqapha isimo ezindaweni okuhlala kuzona abantu futhi sinqande nokuwelwa kwemigwaqo emikhulu ezindaweni eziyingozi okwenziwa abantu. Sifuna omasipala abakhulukazi basilekelele sigade le migwaqo,” kusho ungqongqoshe.
Uveze ukuthi ukushayela imoto uphuze utshwala yicala elibomvu futhi yizinto ezimbili ezingahlangani.
Kuthiwa kuzobe kuphithizela iphoyisa elifuthisa abantu ukuhlola izinga lotshwala kulabo abazobe beshayela bedle amanzi amponjwana.
Ungqongqoshe uthe njengoba kuvalwa emisebenzini eminingi namuhla, kuzobe kuphithizela kakhulu emigwaqweni yezwe ngale mpelasonto. Isimo esifuze lesi uthe sizophinde siqale ukubonakala ngoJanuwari 2.
Uthe kuwumsebenzi wawo wonke umuntu ukuphepha emgwaqweni.
“Kumele silandele imithetho yomgwaqo, sifase amabhande, ungashayeli uphuze utshwala. Hamba ngejubane eligunyaziwe kuleyo ndawo, singahambi ngezinyawo emgwaqweni onguthelawayeka, uma uhamba ngezinyawo ebusuku gqoka impahla emhlophe ukuze ubonakale. Shayela ngokucophelela ukuze ufike uphephile lapho uya khona,” kusho ungqongqoshe.
Abakwa-Automobile Association bafuna uhulumeni enze kube usikompilo ukuphepha kwabantu emgwaqweni kungabekelwa izikhathi ezithile.
I-AA ithe akuqwashiswe abantu ngokuphepha emgwaqweni nsuku zonke kuze kungene emiqondweni yabo bakuphile.