UMBANGO wesicoco seligi ephezulu yaseSpain, uzoshuba ngoba iBarcelona izovakashelwa yi-Atletico Madrid e-Estadi Olímpic Lluís Companys ngo-10 kusihlwa.
IBarcelona isesicongweni seLa Liga ngamaphuzu awu-38 emidlalweni ewu-18, i-Atletico isendaweni yesibili ngamaphuzu awu-38 emidlalweni ewu-17.
Lawa maqembu alandelwa eduze yiReal Madrid, esendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-37 emidlalweni ewu-17.
Umdlalo wakusihlwa uzowanika womabili amaqembu ithuba lokunweba igebe ngoba iReal Madrid izodlala ngeSonto uma isibhekene neSevilla ngo-5.15 ntambama.
IBarcelona izongena kulo mdlalo iyiqembu elisabhekene nobunzima ngenxa yemiphumela engagculisi. Iqembu likaHansi Flick linqobe umdlalo wodwa kuphela kwemihlanu yakamuva kwiligi. Kwemibili elisanda kuyidlala libambane ngo 2-2 neReal Betis, laphinde lanqotshwa yiLeganes ngo 1-0.
Okubi kakhulu wukuthi omunye wabadlali babo abahamba phambili, uLamine Yamal, ulimale eqakaleni bebhekene neLeganes, kanti kulindeleke ukuthi angadlali isikhathi esingangenyanga.
Izindaba ezinhle ukuthi kungenzeka baqiniswe ukubuya kuka-Ansu Fati phambili, no-Andreas Christensen emuva. Laba badlali bebelimele kodwa sebeqalile ukuzilolonga neqembu, yize kungakacaci ukuthi bazobe sebekulungele yini ukudlala kusihlwa.
"Siyazazi izinkinga zethu zakamuva, kodwa leli qembu linawo amandla okuvuka. Kusezikhathini ezifana nalezi lapho udinga ukuqinisa ukuzethemba nokuzotha eqenjini. Siyazi ukuthi sinabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa kufanele siqinisekise ukuthi sibanika amathuluzi abawadingayo ukuze bakubonise lokho,” kusho uFlick.
I-Atletico izongena kulo mdlalo isesimweni esihle ngoba isinqobe imidlalo ewu-11 ilandelana emiqhudelwaneni ehlukene, neyisithupha ilandelana kwiligi.
Emdlalweni wakamuva weligi isebenze kanzima yagcina iguqise iGetafe ngo 1-0 ngegoli elishaywe ngu-Alexander Sorloth, maphakathi nesiwombe sesibili.
"Sizoqhubeka nokugxila emdlalweni ngamunye. Siyakuqonda ukubaluleka kokuqhubeka nokunqoba imidlalo kodwa siyazi ukuthi akulula kule ligi enzima kangaka. IBarcelona iyiqembu eliyingozi futhi esilihloniphayo,” kusho umqeqeshi we-Atletico, uDiego Simeone.
Ngesizini edlule iBarcelona ithathe amaphuzu ayisithupha emidlalweni yayo emibili ne-Atletico, inqoba ngo 1-0 ekhaya, nango 3-0 ekuhambeni.
Lo mdlalo uhlale unesasasa ngenxa yokuthi usuke uhlanganise amaqembu adlala uhlobo lwebhola olungafani. IBarcelona yaziwa njengeqembu elithanda ukulawula umdlalo ngokugcina ibhola. I-Atletico ayikwenqeni ukumaka kodwa ivamise ukuwasebenzisa amathuba ewatholayo uma ihlasela.
URobert Lewandowski, noRaphinha yibona abasashayele iBarcelona inqwaba yamagoli kule sizini futhi kuzobe kubhekwe oDani Olmo ukuthi benze izinto zenzeke.
I-Atletico inabadlali abahlaselayo abazoba yiphela endlebeni ezitobheni zeBarca njengoSorloth, Antoine Griezmann, Julian Alvarez nabanye abavamise ukubhakuzisa inethi.
Imidlalo yeLa Liga kule mpelasonto:
Namuhla:3pm- Getafe v Mallorca; 5.15pm- Celta Vigo v Real Sociedad; 7.30pm- Osasuna v Athletic Club; 10pm- Barcelona v Atletico Madrid.
Kusasa: 5.15pm- Real Madrid v Sevilla; 7.30pm- Las Palmas v Espanyol, Leganes v Villarreal; 10pm- Real Betis v Rayo Vallecano.