UMQEQESHI waMaZulu FC osabambile, u-Ayanda Dlamini, uthi abadlali bakhe bayasiqonda isimo iqembu elibhekene naso njengamanje futhi bayakwazi okulindeleke kubo enkundleni.
UDlamini osanda kuthatha izintambo zokuqeqesha kuRomain “Fohloza” Folz, uzobe ehlezi okokuqala ebhentshini njengenhloko yomqeqeshi emdlalweni omqoka AmaZulu azowudlala neCape Town City, eCape Town Stadium, eKapa, namuhla ngo-5.30 ntambama.
AmaZulu eza kulo mdlalo nje, azikhotha amanxeba njengoba eseshaywe imidlalo emibili yeligi ilandelana, eshaywa yiStellenbosh FC ngo 2-0, neSwallows FC ngo 1-0, nosekuwabeke endaweni engeyinhle kwi-log yePremiership.
ICity eqeqeshwa ngu-Eric Tinkler iza kulo mdlalo isefomini enhle njengoba emidlalweni emine ngaphambi kowanamuhla, inqobe emibili yadlala ngokulingana kwemibili, okubalwa nokukhipha inkani iMamelodi Sundowns ngoLwesibili ibambana nayo ngo 0-0.
“Siyazi ukuthi sizobhekana nomdlalo onzima wasekuhambeni eKapa, okuhlale kungelula neze ukudlala khona, kodwa abadlali bami basesimeni esihle ngokomoya nangokomqondo ukubhekana neCape Town City.
Bayasiqonda (abadlali) isimo iqembu elibhekene naso njengamanje, ngakho bayakwazi okulindeleke kubo uma sebengena enkundleni ukuyokwenza umsebenzi.
Indawo esikuyona njengamanje kwi-log ayiyinhle, kodwa siyazi ukuthi ngokwesimo se-log ukunqoba kwethu umdlalo owodwa nje kungashintsha izinto sizithole sesikhuphukela kwi-top 8,” kusho uDlamini.
UDlamini nguyena onikwe umsebenzi wokuhola iqembu kule midlalo eyisithupha esele yeligi, emuva kokuqheliswa kukaFolz obephikwa yizinto, nobe esenikwa esokuba ngusomaqhinga.
Kungakapholi maseko ethathe izintambo, uDlamini ube esefongqa isigqoko kubaphathi beqembu ecela bambuyisele uRamahlwe Mphahlele obesekhonjwe indlela nguFolz, lokho okuyinkomba yokuthi lo mqeqeshi uyakuqonda ukubaluleka kwamava alesi siqongqwane somdlali wasemuva kule midlalo emqoka esalele leli qembu ngaphambi kokusongwa kwesizini.
Empeleni uDlamini, ongaconsi phansi kubalandeli boSuthu, akukona okokuqala enikwa lesi sikhundla njengoba kwenzeka okufanayo nangesizini ka-2019/2020 enza ezibukwayo ehlenga leli qembu ezembeni sekuvalwe amehlo.
Lo mqeqeshi ubhekene nenselelo yokufeza isifiso sikamengameli waleli qembu, uSandile Zungu okuwukuqeda kwi-top 8, kule midlalo eyisithupha esele okubalwa kuyo iCape Town City (ekuhambeni), iSupersport United (ekuhambeni), iSekhukhune United (ekhaya), iMamelodi Sundowns (ekhaya), iGolden Arrows (ekuhambeni), ne-Orlando Pirates (ekhaya).
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla ngo-3pm:
Royal AM v Stellenbosch FC (Chatsworth Stadium); Swallows FC v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium)
Ngo-5.30pm:
Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium)