ISITOBHA esesimnkantshubomvu kwiPremier Soccer League (PSL) ebesiyibamba emuva kwiCape Town Spurs noRushwin Dortley, uClayton Daniels, sigonyuluka ngeziyalo esizinike lo mdlali ngaphambi kokuthi siyojoyina iKaizer Chiefs.
UDortley (24) ufulathele iKapa ngesonto eledlule eseyojoyina ozakwabo abasha kwiChiefs abebephuma ekhempini eTurkey. ISpurs imdayisele Amakhosi ngemali engadalulwanga. Ngempelasonto edlule iChiefs idlale okokuqala phambi kwabalandeli bayo isishaya ngomqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, waseTunisia. Ikhale ngaphansi ngo 4-0 kwiYoung Africans yaseTanzania emdlalweni weTotoya Cup eBloemfontein.
UDaniels, osebuya emaqenjini okukhona kuwona iMamelodi Sundowns neSuperSport United eGauteng, udlale emuva noDortley kwiSpurs kwaze kwaba ukhonjwa indlela ingakapheli isizini edlule.
Utshele leli phephandaba ukuthi umdonse ngendlebe uDortley ngokufanele akuqaphele njengoba esengumdlali weChiefs.
“Ngiyamjabulela kakhulu ngokusayina kwiChiefs futhi ngiyamethemba ukuthi uzoqhubeka nokusebenza kanzima. Usemncane, ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi uzokwengenza lukhulu kwiChiefs. Uzoba ngukaputeni weChiefs eminyakeni ezayo ngoba uyakwazi ukuxhumana kahle nabantu futhi nasenkundleni uyazinikela,” kusho uDaniels.
“Ngaphambi kokuthi ahambe lapha eKapa ngikhulumile naye. Ngimtshelile ukuthi njengoba esengumdlali weChiefs, zizokwenyuka izinombolo ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana. Kumele akwazi ukumelana nalokho nezinto abalandeli abazozisho kuyena. Kumele akwazi ukumelana nokugxekwa ngoba iphutha elilodwa kwiChiefs lilandelwa wukugxekwa yinqwaba yabantu. Ngaphezu kwalokho ngimtshele ukuthi kumele ayibheke into ayisho kwabezindaba nezindawo azihambayo azikhethe manje. IKaizer Chiefs iyiqembu elikhulu. Akakwazi ukubonakala ezindaweni ezingafanele nokuba wuvanzi. Okumele akwenze wukugxila ebholeni. Ngiyethemba ukuthi uzithathile iziyalo zami.”
UDortley, odlala emuva kwesokunxele namaphakathi, uzobanga indawo no-Edmilson Dove, Bongani Sam osanda kufika (laba basalimele), noThatayoane Ditlhokwe waseBotswana.
“Abalandeli beChiefs bafuna ukuwina kuphela. Kumele akuqonde ukuthi uzodlala inkundla igcwele ikakhulukazi uma iChiefs idlala kwesinye isifundazwe. Kumele akwazi ukumelana nalokho. Okuhle wukuthi kukhona umqeqeshi omusha. Lokhu kusho ukuthi bonke abadlali baqala phansi. Akukho ukwenzelela kodwa kukhona kuphela ukuthi umdlali wenzeni nokuthi usukaphi. Emdlalweni weYanga kucacile ukuthi umqeqeshi usafuna ukubona abadlali abahlukene, afake nendlela yokudlala ayifunayo eqenjini. Impumelelo yokuwina imidlalo eyishumi ilandelana ngeke ifike ngokuphazima kweso,” kusho uDaniels.
IChiefs izovula isizini yeBetway Premiership ngokubhekana neMarumo Gallants ngoSepthemba 14 eToyota Stadium eBloemfontein.