UKHALE ngamaphutha ukaputeni weqembu lesizwe, uTemba Bavuma, ngemuva kokuqunjwa phansi yiNetherlands emdlalweni wesithathu weqoqo eNdebeni yoMhlaba ebanjelwe e-India.
UBavuma ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uthe benze amaphutha ngesikhathi beshwiba nalapho sebeshaya khona ibhola.
INetherlands inqobe lo mdlalo obuse-HPCA Stadium eDharamshala ngama-run angu-38. Ibiqala ukunqoba kulo mqhudelwano njengoba iwuvule ngesibhaxu esithole kwiPakistan nakwiNew Zealand.
AmaProteas aphoxe okokuqala ngemuva kokujabulisa abalandeli eguqisa iSri Lanka ne-Australia kweyawo yokuvula.
Ukuqala komdlalo kubambezelekile ngenxa yemvula kwathi ekugcineni isibalo sama-over esabelwe iqembu ngalinye sancishiswa saba ama-over angu-43 esikhundleni sangu-50.
AmaProteas awine ithosi akhetha ukushwiba kuqala. Bekubukeka kulihambela kahle iqembu lakuleli ngesikhathi iNetherlands inama-run angu-112 kwi-over ka-27, isilahlekelwe amawikhethi ayisithupha. Kodwa abashwibi bakuleli bagcine sebehlahle amehlo ngesikhathi iqhubeka ize ifinyelela kuma-run angu-245, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili.
EzikaBavuma bezidinga ukushaya ama-run angu-246 kuma-over azo angu-43 ukuze zinqobe kodwa zashaya udaka, zagcina zikhishwe zonke zisashaye ama-run angu-207. Bekungokokuqala kulo mqhudelwano ukuthi bobahlanu abadlali ababhethayo abaqalayo bahluleke ukufinyelela kuma-run angu-30 umdlali ngamunye.
UBavuma uthe kabenzanga kahle kuzona zonke izingxenye zomdlalo njengoba kunabashayayo abakhishwe ngenxa yobudedengu kanti nabashwibayo bebeke ibhola ezindaweni ezingafanele ngokuphindelela, nokuholele ekutheni iNetherlands izitamuzele ama-run angu-32 engawasebenzelanga.
"Ukuphisana ngama-run angaphezu kuka-30 yinto engalimaza noma yiliphi iqembu. Nakanjani lokhu kungezinye zezinto okufanele sikhulume ngazo.
“Senze kahle sibhekene ne-Australia ngesikhathi sivimba amabhola enkundleni kodwa besingekho ezingeni elifanayo kulo mdlalo. Sizenzele phansi ngokubadedela bathole ama-run angaphezu kuka-240.
“Noma kunjalo, besisenalo ithemba lokuthi sizofinyelela esibalweni ebesidingeka kodwa asikwazanga ukugcina abadlali bethu abashayayo enkundleni isikhathi eside. Kumele ngiyincome iNetherlands ngokusebenzisa ubuthakathaka obuthile emdlalweni wethu ukuze isinqobe."
Bekungokwesibili iNetherlands ihlula iNingizimu Afrika eNdebeni yoMhlaba ngemuva kokwenza okufanayo kweyeT20 nyakenye. Isinqobe imidlalo emithathu emlandweni weNdebe yoMhlaba yemidlalo yama-over angu-50 njengoba seyake yashaya iNamibia ngo-2003 neScotland ngo-2007.
Lo mphumela usho ukuthi amaProteas aqoqe amaphuzu amane emidlalweni yawo emithathu yokuqala, nokuwashiye endaweni yesithathu kwi-log. Abambene nePakistan esendaweni yesine. Mabili kuphela amaqembu ayinqobe yomithathu imidlalo yokuvula, osokhaya i-India neNew Zealand, abasahamba phambili kwi-log.
I-England, Afghanistan, Bangladesh, Australia ne-Netherlands banqobe kanye kwemithathu yokuvula kanti iSri Lanka yilona lodwa iqembu elinganqobanga kwemithathu yokuvula.
UBavuma uthe ukholwa wukuthi basangabuya ngamandla
"Kufanele siyivumele imizwa ingene ngaphakathi. Angicabangi ukuthi kukhona okuhle esingakuzuza ngokuzama ukuziba okwenzekile. Kubuhlungu futhi kufanele kube njalo.
"Kodwa kuzomele sivuke sizithathe, siqhubeke nohambo. Akukapheli ngathi kulo mqhudelwano. Kumele sikuzwe ukuphoxeka bese sibuya sesiqinile."
AmaProteas asezobhekana ne-England eWankhede Stadium, eMumbai, ngoMgqibelo, ngo-10.30 ekuseni.
Amaqembu amane azobe eqhwakele kwi-log ngemuva kokuthi wonke amaqembu angu-10 esebhekene kwayamaqoqo, azodlulela kweyandulela owamanqamu.