Orlando Pirates (1) 2
SuperSport United (0) 0
KUMCHAZILE umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riverio, ukubona ezakhe ziqhubeka nomgqigqo wazo omuhle kwiBetway Premiership ziguqisa iSupersport United ngo 2-0 emdlalweni obuse-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli elithathele amaBhakabhaka amaphuzu amathathu okwesine kulandelana selokhu kuqale isizini, ashaywe ngu-Evidence Makgopa noDeon Hotto ngokwehlukana kweziwombe.
Iqembu likaRiveiro liphinde lazibeka esicongweni kwi-log ngamaphuzu awu-12, kanti iSuperSport isasendaweni ka-13 ngamaphuzu amane emidlalweni emihlanu.
EZimnyama zingene zisheshe zayikweletisa iSuperSport uMakgopa elibeka enethini ngomzuzu wesibili ngemuva kokuthola ibhola elide ebeliqhamuka emuva kuThabiso Sesane.
Ziqhubekile nokufaka ingcindezi emizuzwini elandelayo ngamashodi abeqhamuka kuMakgopa noRelebohile Mofokeng, aphume eceleni naphezu kwepali, kwayiwa ekhefini zisahamba phambili ngo 1-0.
Ligcine liqhamukile igoli lesibili ngesikhathi esingezwe ngunompempe ngeshodi elihle elidonswe nguDeon Hotto engaphandle kwebhokisi.
“Bekusemqoka ukuthi sibuye namaphuzu aphelele kulandela umdlalo wangempelasonto ongahambanga kahle. Kunzima ukudlala neSupersport United, kufanele unqobe izimpi eziningi enkundleni, uwine amabhola. Kuhle ukunqoba imidlalo emine ilandelana kodwa kufanele siqhubeke,” usho kanje uRiveiro kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
“Kumqoka ukunqoba kulesi sikhathi sesizini kodwa akulula ukuwina imidlalo eminingi ilandelana. Sizozama ukuqhubeka nomgqigqo njengoba sizodlalela ekhaya nakolandelayo.”
Umqeqeshi weSuperSport, uHunt uphinde wakhala ngokudedela amagoli alula kodwa ubancomile abadlali ngokulwa.
“Baqale kahle ngenxa yokuthi senze iphutha elibi. Bathumele ibhola elide sahluleka ukulivimba, kwaphinde kwasilimaza lokho. Siyazama ukushaya amagoli kodwa kusobala ukuthi kukhona lapha sishoda khona,” kusho uHunt kwithelevishini.
“Kunzima ngoba sesidlale imidlalo eminingi ekuhambeni namaqembu afana neMamelodi Sundowns, Pirates neChiefs ekubeni sisebenzisa inqwaba yabadlali abasebancane. Ngeke ngibasole abadlali ngokungazami kodwa kusamele sithuthuke.
“Ngiyayihalalisela iPirates, idlale kahle, ifake imali ukuze yakhe iqembu eliqinile. Bengibatshelile abadlali ukuthi singavumeli izitha ziqale kahle kodwa abanye bebedlala ezindaweni abangajwayele ukudlala kuzona. Bazamile.”
IPirates isizobhekana naMaZulu FC koweligi ozodlalelwa e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku, iSuperSport idudulane neKaizer Chiefs ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.