UMQEQESHI weStellenbosch uSteve Barker, uyabazi ubungozi beSuperSport United abazobhekana nayo kuma-quaterfinal eNedbank Cup.
IStellies izobhekana neSuperSport United kuma-quarterfinal ngo-Ephreli 13 eDanie Craven Stadium, eKapa.
ISuperSport isiwunqobe kathathu lo mqhudelwano selokhu wasungulwa ngo-2008. Igcine ukuphakamisa inkomishi yeNedbank ngesizini ka-2016/2017 yehlula i-Orlando Pirates ngo 4-1.
Kwi-Last 16, iStellies idlule eqenjini laKwaZulu-Natal, iMilford, ngo-6-1 emdlalweni obusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
AmaTsatsantsa aPitori, azibekisele indawo kuma-quarterfinal kulandela ukwehlula iRichards Bay ngo-3-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Akubuzwa ukuthi abalandeli beStellies bathandazela ukuthi iqembu lilandelise ngokunqoba enye inkomishi.
Kuzokhumbuleka ukuthi lisanda kuphakamisa eyeCarling Knockout libhaxabula iTS Galaxy kowamanqamu, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UBarker obeqala ukuwina indebe kwiDStv Premiership selokhu aqala ukuqeqesha uthe kuzoba umdlalo onzima oweSuperSport.
“Kuzoba wumdlalo onzima. ISuperSport iyiqembu elinomlando omuhle wokuwina izindebe. Inomqeqeshi oseziwinile izindebe kanti sesidlale nayo kathathu kule sizini.
“Sibe nenhlanhla yokubahlula kuma-quarterfinal eMTN8. Basihlula ekhaya koweligi, sadlala ngokulingana ekuhambeni.
“Ngakho le sizini inzima kakhulu futhi akekho owina kalula phakathi kwethu. Ngilindele okufanayo nakule ndebe kanti ukwehlula iqembu elifana neSuperSport, kunezinto okufanele uzenze kahle.
“Emuva baqinile nakwezinye izindawo. Kumele phambili sibahlasele kakhulu, sibagcine behlezi emuva. Kuzoba wumdlalo onzima,” kusho uBarker.
Ngaphandle kokwenza kahle kwiNedbank Cup, iStellies sisayibambe kahle kwiligi yeDStv Premiership njengoba ibalwa namaqembu asethubeni lokudlala imidlalo yeCaf ngesizini ezayo.
Sisendaweni yesine ngamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-19. Singemuva ngephuzu kwiSuperSport nePirates ababambene endaweni yesibili neyesithathu ngawu-33 iqembu ngalinye. Esicongweni kusahlezi iMamelodi Sundowns ngawu-46 emidlalweni engu-18.