OWAYEYISIHLABANI se-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMbulelo “Old John” Mabizela, ukholwa wukuthi imbangela yokwehla kwezinga lebhola esifundeni uMgungundlovu, esaziwa ngokukhiqiza izibabuli zabadlali, kungenxa yokungasekwa kwezikhungo ezithuthukisa abadlali abasakhula.
UMabizela (42) ungomunye wabadlali abadabuka esifundeni uMgungundlovu abazakhele igama ebholeni laseNingizimu Afrika, futhi wathola ingqayizivele yethuba lokuthuthukiswa kwekhono lakhe esavunywa yiminyaka, waphekwa esikhungweni sebhola iTransnet School of Excellence.
“Ngicabanga ukuthi okuyiyona nkinga enkulu kahle hle, wukungatholi ukwesekwa kwezikhungo zebhola ezithuthukisa ibhola kulesi sifunda, emuva kokuba kwavalwa eseSchool of Excellence.
Zikhona izikhungo eMgungundlovu kodwa kazesekwa ngendlela efanele. Bakhona abantu abanentshisekelo yokuthuthukisa intsha esakhula ebholeni kodwa abakutholi ukwesekwa.
Isibonelo nje, uSguda (Cele) unaso isikhungo sebhola esithuthukisa abadlali abasakhula, kodwa manje akakutholi ukwesekwa akudingayo, ekutheni akwazi ukukhulisa nokukhiqiza abadlali abazokuba sezingeni elifanele ngomuso.
Uyabona, ibaluleke kakhulu le nto, yokuthuthukiswa ngendlela efanele kwabadlali besebancane.
Ngeke uthathe umdlali eseneminyaka engu-17 ubudala uthi uyamkhulisa, cha. Kufanele umqale esemncane laphaya ko-10 kuya ko-12, ukuze akwazi ukuthuthuka ngendlela efanele,” kusho uMabizela, odabuka KwaMachibisa, e-Edendale.
“Ngikholwa wukuthi neziphathimandla zebhola zasesifundeni saseMgungundlovu nohulumeni wendawo abangeneli ngale ndlela ebengingafisa ngayo mina njengomuntu okuqonda kangcono ukuthuthukiswa kwabadlali abasebancane.
Ngicabanga ukuthi uma osomabhizinisi noMnyango wezeMidlalo kulesi sifunda, bengangenela ekuthuthukisweni kwebhola kule ndawo, kungaba khona omkhulu umehluko.
Le ndawo ingabuyela kuleliya zinga eyayikulo eminyakeni edlule.”
Ngaphandle kokukhiqiza abadlali abanjengoMabizela, Andile “Sguda” Cele, Sandile “AK 47” Ndlovu, Bryce Moon nabanye, eminyakeni eminingi edlule isifunda uMgungundlovu sinomlando wokukhiqiza izihlabani zebhola, ezinye okwabunjwa ngazo iKaizer Chiefs ngasekuqaleni ko-1970.
Phakathi kwazo kubalwa uMichael “Bizzah” Dlamini, Alfred “Bomber” Chamane, Velaphi Sikhakhane noGerald “Mgababa” Dlamini.
Le ndawo yake yagaba ngamaqembu amaningana ayedlala esigabeni esikhokhelayo, okubalwa kuwona iSobantu Shooting Stars, iSobantu Manchester, Maritzburg City neMaritzburg United esiphethwe uFarook Kadodia.
Iqembu likaKadodia libe yinkundla yokuzakhela igama kubadlali abaningana asebegijima emaqenjini amakhulu kwiDStv Premiership, okubalwa kubona uFortune Makaringe, Richard Ofori, Rushine De Reuck, Bandile Shandu, noBongokuhle Hlongwane osegijima kwiMinnesota yase-USA neBafana Bafana.
Kodwa leli qembu laseMphithi lisalokhu liqhubekile nokudonsa kanzima njengoba livika izembe kuwo wonke amasizini.