UKHALE ngokungagqizwa qakala kwezokusubatha kuleli, uZakithi Nene ngemuva kokuthi benqobe indondo eyodwa kuma-Olympic Games, asongwe ngempelasonto edlule eParis, eFrance.
Ezindondweni eziyisithupha ezinqotshwe elakuleli, eyesiliva ibuye neqembu labesilisa le-4x100m relay. Kukhona nenqotshwe uJo-Ane van Dyke kwi- javelin.
UNene waseMnambithi uhluleke wancama kwi-400m ukufinyelela kowamanqamu. Uphume kowandulela amanqamu ngesikhathi esiwu-45.06.
Nakwi-4x400m relay uhlulekile ukubuya nendondo ebambisene noLythe Pillay, Gardeo Isaac no,-Antonie Nortjie kowamanqamu abaqede kuwo kweyesihlanu.
Abemakhulu amathemba okuthi bazophinda esango-2023 bebuya neyesiliva kumaWorld Relay Championships, eBahamas.
UNene obekungokwesibili eya kuma-Olympic, utshele Isolezwe ukuthi okushaye elakuleli ukuthi uhulumeni nosomabhizinisi abazimele ngokubaxhasa.
Uthe ubufakazi balokhu yidlanzana labagijimi elinabaxhasi. Iningi labo nezikhungo zokuqeqeshela lo mdlalo liyazibonela.
"Ezokusubatha zethu ziyokhiqiza izithelo mhla uhulumeni nosomabhizinisi bakithi batshala imali kuzo. Ngikhuluma nawe nje, abasubathi base-Europe nase-USA, bazophumula isikhathi esincane bese beqala amalungiselelo ama-Olympic ango-2028. Lokhu bakwazi ukukwenza ngoba banabaxhasi. Uma ufuna izindondo emiqhudelwaneni efana nama-Olympic udinga uhlelo lwezinga eliphezulu lokuziqeqesha. Udinga imali ukwenza lokhu," kubeka uNene.
Uqhube wathi akaqondile ukucasha ngesithupha ngokungabuyi nendondo eParis, kodwa iqiniso ukuthi ushaywe ukungatholi uxhaso olwanele ngesikhathi elungiselelela ama-Olympic.
"Amalungiselelo ami ezinyanga ezine abeseSwitzerland. Bengijima no-Akani Simbine. Silashwa yithimba elilodwa lodokotela (yingakho besihambe ndawonye). Isamba semali esikhulu sokuya kuleliya lizwe sikhishwe yimina bese kuba encane ephume esikhwameni seSascoc (Opex). Ngenxa yokushoda kwenkece ngiphoqelekile ukumshiya eThekwini, umqeqeshi wami (Victor Vaz) ne-physiotherapist yami. Nakuba bengixhumana nabo ngocingo kodwa okuningi bengizenzela. Lokhu kube nomthelela ongemuhle," kulandisa uNene.
ISouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) yethule uhlelo lwe-Opex (Operations Excellence Programme) nyakenye. Imemezele ukuthi iBidvest ifake isamba sika-R66 million okuzoxhaswa ngaso abadlali bemikhakha ehlukene ukulungiselela ama-Olympic. Bahlukaniswe izigaba ezintathu abathole lolu xhaso. Kukhona abezinga eliphezulu okubalwa noNene, abasathuthuka nabasayibamba emazingeni aphansi.
Nakuba uNene engathandanga ukudalula isamba asithole kwi-Opex kodwa uthe sincane kakhulu.
"Olwami uxhaso ngilusebenzise ukukhokhela indleko zokuhamba nokujima. Okunye okuningi kukhokhelwe yimina," uchaze kanje uNene.