UMDLALI wasesiswini kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), u-Issa Sarr, ukholwa wukuthi ukuba nabadlali abanamava yikhona okungase kube ngukhiye kuleli qembu kule sizini ka-2022/2023 yeMotsepe Foundation Championship.
USarr (35) ungomunye wabadlali asebemnkantshubomvu nabanamava kuleli qembu okumanje liqhwakele phezulu kwi-log yeMotsepe Championship ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni emine, lilandelwe yiHungry Lions ngamaphuzu alinganayo kodwa kuyilona (i-TTM) elihlezi phezulu ngenxa yomehluko wamagoli.
Ngaphandle kukaSarr, leli qembu ligabe ngabanye abadlali asebeqine ukhakhayi ngokwedlulele okubalwa kubo uMoeketsi Sekola, Thabiso Nkoana, Eden Nene, Enocent Mkhabela, Luvolwethu Mpetha, noCheslyn Jampies.
Leli licijwa ngumqeqeshi ongamakadebona esigabeni seMotsepe Foundation, uJohnny Ferreira, othathe izintambo kuLucky Nelukau ngaphambi kokuqala kwale sizini.
“Le sizini ibukeka izoba ngenzima kakhulu uma ubheka indlela amaqembu azimisele ngayo kulesi sigaba seMotsepe Foundation, kodwa iqembu lethu ngiyalethemba kakhulu futhi liya ngokuya likhombisa ukuhlangana ngenxa yabadlali abanamava elinabo okubalwa nomqeqeshi wethu osazi kahle lesi sigaba, uJohny (Ferreira).
“Uma ngibheka abadlali esinabo abanesipiliyoni, engibala kubo uMkhabela, uSekola, uMpetha noJampies nabanye, ngikholwa wukuthi sinesikwati esiqinile impela esixutshwe ngesipiliyoni nabadlali abasebancane abasalambele impumelelo abanjengoTumi Ngwepe.
“Esikudingayo nje, ukulwela ukugcina umgqigqo wethu, siqoqe amaphuzu isaqala isizini ukuze senze isiqiniseko sokuthi siya ekhefini leNdebe yoMhlaba sisesendaweni enhle kwi-log ngoba ngomzuliswano wesibili kuzobe sekushubile,” kusho uSarr.
I-TTM izobhekana neMagesi FC, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
IMagesi engomakoti, isahlulwe emidlalweni emibili yaphinde yanqoba imibili kwemine esadlaliwe yeMotsepe Foundation kule sizini.
Eminye imidlalo ebhekiwe kule mpelasonto, kubalwa kuyo owe-All Stars noThongathi FC, eTsakane Stadium, eBrakpan, namuhla ngo-3.30 ntambama.
UThongathi luya kulo mdlalo nje izinto zimapeketwane njengoba lusanda kushiywa ngumqeqeshi uSimo Dladla yize ubebukeka eseza kahle, engakehlulwa emidlalweni emine.
Emdlalweni wanamuhla, ebhentshini laleli qembu kuzobe kuhlezi uThemba Masango noPhilani Shange okuyibona abasabambile.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama:
Casric Stars v Black Leopards (Solomon Mahlangu Stadium); Magesi v TTM (Old Peter Mokaba Stadium); All Stars v Uthongathi FC (Tsakane Stadium); Venda FC v Baroka FC (Thohoyandou Stadium); Pretoria Callies v NB La Masia (Lucas Moripe Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama:
Platinum City Rovers v Cape Town Spurs (Olen Park); Polokwane City v Hungry Lions (Polokwane).