UZAMA inhlanhla kuMaZulu, uNtsako Makhubela, ongomunye wabadlali abakhonjwe indlela yiMoroka Swallows emasontweni adlule.
Isolezwe lithole ukuthi lo mdlali oyibamba esiswini, uqale ngoMsombuluko ukuzilolonga noSuthu olucijwa nguPablo Martin waseSpain. UMakhubela (29) ngomunye wabadlali abawu-22 abakhonjwe indlela yizikhulu zeZinyoni ngemuva kokuthi benqabile ukuya emdlalweni weMamelodi Sundowns nakoweLamontville Golden Arrows, ngoDisemba.
Bebefuna imali yabo abayikweletwa yiSwallows.
UMakhubela ubefike kuleli qembu ekuqaleni kwale sizini emuva kokudedelwa yi-Orlando Pirates, angabanga nesikhathi esihle kuyona. Selokhu afika kuyo ngo-2021/22, beyilokhu imbolekisa.
Usihlalo waMazulu, uSandile Zungu uziqinisekisile izindaba zokufika kukaMakhubela eqenjini lakhe.
"Akukho okutheni engingakusho. Konke kuzoncika kubaqeqeshi ukuthi bayayithanda yini indlela adlala ngayo. Okwamanje basamhlola," kubeka uZungu.
USuthu lusanda kujoyinwa nguSifiso Ngobeni olumboleke kwiMamelodi Sundowns no-Augastine Mulenga obedlala kwiChippa United.
Lukhombe indlela uSiphesihle Maduna, Sibusiso Mabiliso, Keagan Buchanan noMfanafuthi Mkhize.
Omunye obezama inhlanhla kuMaZulu, ngumgadli uTristan Nikitaridis ezingamhambelana kahle izinto. Lo mgadli wayeyibamba kwiBaroka ngamasizini adlule.
Kuvela ukuthi useyizama kwiSwallows inhlanhla. Omunye ozama kuleli qembu ngu-Augustine Mahlonoko owake waba semabhukwini eZimnyama nakwaweBaroka.
Ugcine ukudlala kwiLa Masia eyibamba kwiMotsepe Foundation Championship. Sisekuzo ezithinta iSwallows, kuvela ukuthi imbuyisile uGabadinho Mhango naye obexoshiwe.
Ngesikhathi kuphuma uhlu lwabadlali abawu-22 abaxoshwa, igama lakhe, elikaDumsani Zuma nelika-Andile Jali ayengekho. Ngokuhamba kwesikhathi nabo bagcine bexoshiwe.
Abanye ababuyile nguTlakusani Mthethwa noKwanda Mngonyama. Emasontweni edlule kuvele ukuthi uMthethwa ungomunye okuthiwa ushayelwe ucingo ukuzosayina inkontileka entsha.
Kuthiwa unqabile ukuyisayina ekhala ngokwehliselwa umholo. Ngokomthombo, ugcine eyisayina ngoba izikhulu zeqembu sezimthembise umholo ongcono. Obuye kuqala ngonozinti, uDaniel Akpeyi.
Emasontweni edlule leli phephandaba libike ukuthi usayine inkontileka entsha maqede wanyuselwa umholo. Akucaci nangekusasa lomqeqeshi, uSteve Komphela kwiSwallows.
Kuthiwa selokhu kuvuliwe akakaze alubhade ejimini. Izintambo zokuqeqesha zibanjwe nguMusa Nyatama oyiphini lomqeqeshi. Kuvela nokuthi uKomphela uke wabonakala eThekwini.