ISIQONGQWANE sasemuva esingukaputeni weSuperSport United, u-Onismor Bhasera, sithi kuyisifiso saso ukuthi sinqobe isicoco seligi ngaphambi kokugaxa amakhokho emgibeni. Yisona sicoco angakasinqobi njengamanje kwiPremier Soccer League (PSL).
UBhasera namuhla ohlanganisa iminyaka engu-37, ungomunye wabadlali asebedonse isikhathi eside ebholeni elikhokhelayo. Waqala ukudlala kwiTembisa Classic eyayidlala kwiNational First Division (esiyaziwa ngeMotsepe Foundation Championship) ngesizini ka-2004/2005, esuka kwiHarare United yaseZimbabwe.
Sekuwumlando ukuthi iTembisa Classic eyayingenayo iminyaka engaphezu kweshumi, idlala esigabeni sePremiership ngaleyo yabe seyidayiswa, yathengwa yizikhulu zeMaritzburg United.
Phakathi kwezicoco ezike zanqotshwa nguBhasera namaqembu ehlukene ePremiership, kubalwa eseTelkom Knockout neseMTN neKaizer Chiefs. Wanqoba eseNedbank Cup, nezinye ezimbili zeMTN 8 neSuperSport United osekuyisizini yesikhombisa le egijima kuyo.
Lo mdlali oyinsika odongeni lwasemuva lweSuperSport ephekwa nguGavin Hunt, usefomini enhle kule sizini njengoba eseshaye amagoli amabili, okubalwa negoli elimqoka lokunqoba alivalele ezakhe ziguqisa iMarumo Gallants ngo 1-0 ngoDisemba 30, koweDStv Premiership, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
“Ukufika kule minyaka engikuyo njengamanje ngisadlala ibhola esigabeni esikhokhelayo kusho lukhulu kimi. Abanye abadlali abafiki kule minyaka engikuyo mina nabanye ozakwethu abasadlala ngenxa yokulimala. Kwesinye isikhathi nokwehluleka ukugcina umzimba usesimeni nakho kumqoka ekutheni ukwazi ukudlala noma iminyaka isithe xaxa.
“Angikaziboni ngigaxa amakhokho ethala njengamanje, inqobo nje uma umzimba wami usavuma futhi neqembu lami lisangidinga. Sengidlale amasizini amaningi kuleli qembu lami ngazuza izindebe ezahlukene nalo. Ngingasho ngokungangabazi ukuthi indebe yeligi yiyo kuphela esengifisa ukuyiwina ngaphambi kokuba ngibeke amakhokho ethala,” kusho uBhasera odabuka eMutare, eZimbabwe.
UBhasera waphunyukwa yisicoco seligi ngesizini ka-2015/2016 esagijima kwiBidvest Wits, eyaqeda endaweni yesibili kwi-log ngemuva kweMamelodi Sundowns eyadla isicoco sePremiership ngaleyo sizini.
Kumanje iSuperSport ibalwa namaqembu amathathu aphezulu kwi-log yeDStv Premiership, futhi kuyibeka ethubeni lokuba sembangweni wesicoco seligi.
“Asikho neze ngaphansi kwengcindezi yokulwela ukuwina iligi njengamanje kodwa lokho okungasho ukuthi sizozithela ngabandayo uma ithuba livela (lokuhlala phezulu kwi-log) ngoba ibhola liyangingqika, kusengenzeka noma yini.”
Amatsatsantsa a Pitori angagayelwa mphako kulezi zinsuku, azotholana phezulu namuhla ngo-3.30 ntambama, neLamontville Golden Arrows, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.