UMQEQESHI weRoyal AM, u-Abram Nteo, uthi yize besidinga isipiliyoni kodwa bazoyibhekisisa eyabadlali asebehanjelwe yiminyaka kuleli qembu.
UNteo ukusho lokhu ebuzwa yizintatheli ngabanye abadlali abayizinsika zeqembu asebehanjelwe yiminyaka, okubukeka sekuseduze bagaxe amakhokho emgibeni.
“Kuyiqiniso ukuthi sinabadlali asebekhulile, yize isipiliyoni sabo sisisiza kakhulu kwesinye isikhathi, kodwa ngeke sikubalekele ukuthi siyabadinga abadlali abasebancane,” kusho uNteo.
“Uma ungabheka nje kulo mdlalo wethu neChippa United (ebabambe ngo 1-1 ekhaya ngeledlule koweDStv Premiership), esiwombeni sesibili besesidinga abadlali abasebancane abazokwazi ukungena nomfutho, bashintshe umdlalo ngoba izitha zethu besezikhathele.
“Yebo, yinto esizoyibhekisisa impela leyo. Sizolifaka impela igazi elisha.”
Baningana abadlali asebekhulile ngeminyaka kuleli qembu, okubalwa kubo u-Elias Pelembe (39), uPhilani Cele (36), Hugo Nyame (36), Thabo Matlaba (35), Ricardo Nascimento (35) noLesego Manganye (35).
Kodwa bakhona nabadlali abasebancane abasavunywa yiminyaka nababukeka beyikusasa laleli qembu, okubalwa kubo uSiphesihle Msomi (24), Mfundo Thikazi (23), Khulekani Shezi (22), noBandile Dlamini (19).
UThikazi noMsomi, ngabanye babadlali abasebancane abalitholayo ijezi njengamanje kuleli qembu futhi benza kahle.
UThikazi ikakhulu, usehlohle amagoli amane kule sizini ekhwishizela esuka esiswini.
Emdlalweni olandelayo i-AM, izolindela ukubuyisa umlando ngamathofi ayo, iKaizer Chiefs koweligi, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ntambama.
Womabili la maqembu awadinga ngokufanayo amaphuzu kulo mdlalo, kwazise izinto aziwahambeli kahle muva nje.
I-AM ebhala iyacisha iya kulo mdlalo nje, kwemithathu egcinile inqobile, yahlulwa, yadlala ngokulingana.
NeChiefs isinemidlalo emithathu ilandelana ithelwa uswazi.