NAKUBA i-Orlando Pirates ingadlalanga ibhola elihehayo kodwa umqeqeshi wayo, uJose Riveiro akawuvali umlomo ngabadlali bakhe abagcine belifakile leli qembu esigabeni samaqoqo eCaf Champions League.
EZimnyama zishaye iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo1-0 wegoli elivalelwe uMonnapule Saleng umdlalo usuya ngasekupheleni
Leli qembu belingene enkundleni i-Orlando Stadium ngoMgqibelo, lihamba phambili ngo 2-0 eliwuthole emlenzeni wokuqala ekuhambeni.
IPirates kaRiveor iqale imidlalo yokuhlungela amaqoqo kulo mqhudelwano kubhekwe ukuthi igweme ihlazo langesizini edlule lapho yawashiswa khona ijezi iyona iJwaneng kulesi sigaba sokuhlunga kungazelele muntu.
Kusukela lapho uRiveiro ubelokhu ebusho ubumqoka bokuzibekisela indawo kwiChampions League, ukuze bageze igama labo.
URiveiro uncome abadlali bakhe ngokuzimisela kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ebigcwele phama.
“Ngizizwa ngibusisekile ngokuqeqesha iPirates enabadlali abahlale belambele ukunqoba. Nakuba bengazi ukuthi sizothwala kanzima kwiJwaneng kodwa benginalo ithemba lokuthi sizonqoba.
“Bekubalulekile ukuthi siye kulo mdlalo sikuthwele emakhanda ukuthi kumele sinqobe noma kanjani. Kwasiphatha kabi kakhulu ngesizini edlule ukungangeni esigabeni samaqoqo. Kulokhu kumele senze isiqiniseko sokuthi senza kahle kulo mqhudelwano. Siyabakweleta abalandeli bethu. Siyabonga ngokuhlale bemi nathi," kubeka uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo.
Lo mqeqeshi waseSpain uthe kumqoka ukuthi ezakhe zibambe umgqigqo wokunqoba.
Uncome izitobha zakhe ngokuvala thaqa emuva.
"Kube kuhle ukuthi singangenelwa igoli kulo mdlalo. Kumele lokhu sikulwele ukuthi kwenzeke nakweminye imidlalo. Kuningi okumele sikuzuze kule sizini."
Ukhuluma kanjena nje, uRiveiro, ngo-Okthoba 5 ezakhe zizobhekana neStellensbosch kowamanqamu eMTN8, eMoses Mabhida Stadium, lapho asedayiswe aphela amathikithi omdlalo.
Kusasa zizodlala nePolokwane City, ngo-3 ntambama khona e-Orlando Stadium. IPirates iwunqobile umdlalo wokuqala weligi, inqoba iChippa United ngo 2-1 ngesonto eledlule.
Khonamanjalo umqeqeshi weGalaxy uMorena Ramoreboli, uthe bahlulwe bezamile.
"Besitholene neqembu elinzima. IPirates ibingatatazeli uma iphethe ibhola. Impilo iyaqhubeka nakuba sesiphumile kwiChampions League. Sesizogxila kweminye imidlalo," kubeka uRamoreboli waseFree State.
Ube esephuma iqhubu ngokuncoma u-Olisa Ndah noThabiso Sesane, uthe laba abadlali basemuva balibulele iqembu lakhe.