ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uMosa Lebusa, asifuni bazifake emakhanda izinkulumo zokuthi sekungeyabo indebe yeCarling Knockout abasazoyibanga neMagesi FC engomakoti beBetway Premiership.
ISundowns izogadulisana neMagesi kowamanqamu eToyota Stadium eFree State kusasa ngo-6 ntambama. Leli qembu, eliqeqeshwa nguManqoba Mngqithi, lifinyelele kowamanqamu emuva kokuqeda ngeLamontville Golden Arrows (5-0), Kaizer Chiefs (4-0) neMarumo Gallants (2-0). Alikaze lingenelwe yigoli kwiCarling. IMagesi, ephekwa nguClinton Larsen, idlule kwi-Orlando Pirates (3-2), TS Galaxy (1-0) nakwiRichards Bay (1-0). Nakuba iMagesi ikhombisile ukuba yingozi ngokudlula kwiPirates esefomini kodwa ukukhonya kweSundowns ebholeni laseMzansi kwenza iningi libone izozidlela amahlanga kuleli qembu laseLimpopo.
“Ngabe kuwukuzibulala thina ukucabanga ukuthi bayiqembu elincane futhi sizowina kalula. Ukufika kwabo kowamanqamu kusho lukhulu. Kufanele sibahloniphe ngokuthi bakowamanqamu. Kodwa futhi sibhukule, siqinisekise ukuthi siyaqeda ngabo. Siyaliqonda izinga eliphezulu labadlali beMagesi. Siwabukile ama-video abo, sizama ukuthola intuba esingangena ngayo. Sizobahlonipha kodwa umdlalo wamanqamu awuqondakali. Ngakho kufanele sizimisele ngokuphindiwe ukuze siqinisekise ukuthi siyayiwina indebe. Kuzoba wumdlalo onzima,’’ kusho uLebusa.
Owamanqamu weCarling ubuyisa izinsuku esezadlula kuLarsen owashaya iSundowns eThekwini ngo-2012 kuwona lo mqhudelwano usabizwa ngeTelkom Knockout ngesikhathi esaqeqesha iBloemfontein Celtic.
IMagesi iqumbe phansi iPirates isebenzisa isitayela sayo sokuhlala emuva, iphume ngamabhola ayingozi igabe ngejubane labadlali okukhona kubona u-Edmore Chirambandare ohlangothini lwesokunxele. Lokhu akubuzwa ukuthi kungenzeka kulujulukise udonga lwasemuva lweSundowns okubhekwe ukuthi lubunjwe nguLebusa, Grant Kekana, Khuliso Mudau no-Aubrey Modiba.
“Ukushesha siqede ngabo kungasisebenzela kodwa engibona kumqoka wudonga lwethu lwasemuva nendlela esizoluhlela ngayo. Ibonakele indlela abazuma ngayo, bafune ukubhekana nesitobha esisodwa ngesikhathi. Ngakho udonga lwethu luzosisiza kakhulu. Kumele siqinisekise ukuthi asiphunyukwa yibhola ezindaweni eziyingozi, sidlale ibhola esilijwayele, silidlale yonke inkundla, silidlale phambili ngesikhathi esifanele. Sizozwa ngomqeqeshi indlela esizodlala ngayo kodwa ngokwethu singabadlali basemuva, yilokho esikubonile. Sesiqalile ukukhuluma ngokuthi sizoyixazulula kanjani lento,” kusho uLebusa.