UVUMA eyenkinga ebhekene neqembu lakhe umqeqeshi weRichards Bay FC, uPitso Dladla, njengoba sebeqhube uthotho lwemidlalo eyisikhombisa bengayinuki iwini phezu kokuba bebeyibambe ngohlelo kusukela kuqale isizini.
IBay esidlale imidlalo eyisikhombisa okubalwa nowomkhumulajezi ingawini, kuqhubekile ukubhimba kohlelo kuyona ishaywa yiKaizer Chiefs ngo-1-0 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.
INatal Rich Boys, engenelwe yigoli umdlalo usanda kuqala, izithole idlala ingxenye enkulu yalo mdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukanozinti wayo, uSalim Magoola.
Ibivele ize kulo mdlalo ibuya esibhaxwini semidlalo emibili yeligi ilandelana ishaywa yiSekhukhune United neStellenbosch FC ngokwehlukana.
Ukuqhubeka nokulahla amaphuzu kwaleli qembu eligcine ukuwina ngoJanuwari 14, ngokushaya iMarumo Gallants ngo-2-0, kusho ukuphuma kancane, kancane kwalo esixhantini samaqembu amane aphezulu kwi-log yePremiership njengoba like lahlala endaweni yesibili kwi-log ngemuva kweMamelodi Sundowns.
“Konakele khona siyavuma, kodwa ukonakala kwasenkundleni. Sihlaselwe yinkinga ehlasela noma yiliphi iqembu elisebholeni, esibhekene nenselelo yokuthi siyilungise.
“Iqiniso wukuthi imidlalo eminingi yakamuva esihlulwe kuyona bekungekona ukuthi besingadlali kahle, besidlala kahle. Ngisho nakuwo lo mdlalo weChiefs, ngisho besesidlala singasaphelele kodwa besidlala njengeqembu elingakukhombisi lokho, futhi lo mdlalo ubunganqotshwa yinoma ngubani, kodwa kwagcina kunqobe iChiefs. Nokho, siyakholelwa ekutheni sizokwazi ukuphendula amatafula kungekudala,” kusho uDladla.
Uncome ukwesekwa okukhulu abakuthola kubaphathi beqembu phezu kwesimo ababhekene naso.
Uvumile nokuthi ukungenelwa yigoli ngemizuzu yokuqala komdlalo nokukhishwa kukanozinti wabo ngekhadi elibomvu, kubaphazamisile.
“Ukungenelwa kwethu yigoli ngalesiya sikhathi somdlalo, okulandelwe wukukhishwa kukanozinti wethu ngekhadi elibomvu kusiphazamisile impela. Kodwa indlela abadlali bethu abakhombise ngayo ukuzinikela nokulwa yize bengasaphelele, kudinga ukunconywa kakhulu. Ekuqaleni besinenkinga yokungenelwa ngamagoli umdlalo usuphela, manje sekufanele silungise le yokushesha singenelwe yigoli umdlalo usaqala.”
IRich Boyz okuyisizini yayo yokuqala kwiPremiership, ukulahlekelwa kwayo wumgqigqo ngalesi sikhathi sesizini kubiza ukuthi kuzofanele izibambe ziqine iqhamuke neqhinga elizokwenza okungenani ingabe isaphuma esixhantini samaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log.
Imidlalo eyisishiyagalombili esele yiyona ezocacisa ukuthi leli qembu laseRichards Bay lizokwazi yini ukukufeza lokhu. Kumaqembu esazodlala nawo kubalwa iTS Galaxy (ekuhambeni), i-Orlando Pirates (ekhaya), iMaritzburg United (ekuhambeni), neSundowns (ekuhambeni).