USIHLALO weNjampela yaKwaNongoma, ukholwa wukuthi imidlalo emine elandelayo izobacacisela ngokuningi ngamathuba abo okuqeda beqhwakele kwi-stream B weKZN ABC Motsepe League.
Izinto zilokhu zilihambele kahle leli qembu likaVusi Buthelezi.
Ngesonto eledlule lishaye iSummerfield Dynamos ngo-1-0.
Lilokhu lizihole njalo nakwi-log ka-Stream A njengoba liqhwakele ngamaphuzu awu-31 emidlalweni ewu-12. Kweyesibili kukhona uMkhumbane Classic ngamaphuzu awu-28, kwewu-11.
UButhelezi uthe kule sizini zonke izinto bazenza ngokukhulu ukucophelela. Wathi babalekela ukwenza iphutha langesizini edlule abagcine beqeda kuyo endaweni yesine ekubeni behlale isikhathi eside emaqenjini abeqhwakele. Lesi sikhulu siveze ukuthi imidlalo emine elandelayo izobacacisela okuningi ngephupho labo lokuqeda kwi-Stream A beqhwakele.
" Kuyajabulisa ukuthi sisalokhu siwubambe njalo umgqigqo wokunqoba. Uma sike sayinqoba yonke imidlalo emine ezayo azobe esemakhulu amathuba okuthi siwudle umhlanganiso kwi-Stream sethu. Kuzomele sizibambe ziqine, uMkhumbane usimise kabi. Asisekho isikhathi sokwenza amaphutha," kubeka uButhelezi.
Uqhube wathi uyoze ashone egodini elwela ukuthi uNongoma ube neqembu elidlala kwiPremier Soccer League (PSL).
" Angikuboni okungasihlula ukwenza lokhu. KwaNongoma sinabadlali abanekhono eliyisimanga. Ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthatha indawo yethu siyibeke kwelinye izinga ebholeni. Kwezinye izinto ezifana nomculo nezemfundo senza kahle. Sekushoda khona lapha ebholeni".
Endaweni yokugcina ku-Stream A, kukhona i-Oyzn ngamaphuzu amane. Ngeledlule iphinde yahlulwa yiHellenic ngo-1-0.
Ku-Stream B phezulu kuhleli uMkhambathi ngamaphuzu awu-29. Kweyesibili kuneDrakensberg ngawu-28. Kweyokugcina kuneTitanic ngayisithupha. Nayo iphinde yashaywa yiDrakensberg.