UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uphahluke ngodaba olubucayi ngokuba sengcupheni kwekusasa lika-Abubeker Nasir kulandela ukucazelana kwezakhe ngamaphuzu ne-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku eLoftus Versveld Stadium, ePitoli.
UMokwena uthe ufisa sengathi ngabe selufikile usuku lomdlalo wabo weNedbank Cup ukuze kuzosheshe kusuke emqondweni wakhe akubone bebambana ngo 1-1 nePirates.
ISundowns izovakashela iLa Masia FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship emdlalweni we-last 32 yeNedbank Cup ngoLwesibili ngo-7 ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.
Kulindeleke ukuthi uMokwena asishintshe isikimu sakhe kulo mdlalo weNedbank kwazise unabadlali abasha okusafanele abajwayeze indlela yokudlala kanti nabebehambe neBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), usazofuna ukubaphumuza njengoba ibuya neCaf Champions League ngoMgqibelo ozayo.
Ngeke abonakale koweNedbank uNasir wase-Ethiopia kwazise uMokwena umchaze njengolimele kanzima, kangangokuthi kungaphela ngaye kunobhutshuzwayo.
Lo mqeqeshi ukusho lokhu esithangamini nabezindaba kulandela ukubambana nePirates kodwa umunwe uwukhombe kwiSundowns sekumele acacise akusho ngalo mdlali wase-Ethiopia osabonakale kwemibili kuphela kule sizini.
“Ukulimala okungase kuqede ngekusasa likaNasir, akuthole sibhekene nePirates ngonyaka odlule kubucayi ngale ndlela yokuthi angase angabe esabonakala kule sizini,” kusho uMokwena.
Esebuzwa ngokuthi ngabe uNasir usabalwa yini nabadlali ababhaliswe njengabangaphandle, uthe iSundowns iyona ezokhipha isitatimende esigcwele.
“Ulinyazwe wunozinti wePirates (uSiyabonga Mpontshane), ngale ndlela yokuthi kubucayi futhi kungenzeka noma yini ngekusasa lakhe ebholeni.
“Ngeke ngande ngamaningi kodwa engingakwethembisa wukuthi iSundowns izokhipha isitatimende esigcwele ngalo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala,” kusho umqeqeshi.
UMokwena ukwamukele ukuthi ukuhlakazeka kwezinto ekhempini yeSundowns kube nomthelela ekutheni aze akhiphe amazwi okuthi akakuthandanga akubone eqenjini lakhe ngesikhathi libhekene nePirates.
“Bekuwumdlalo wokuqala kwabanye abadlali njengoLorch (Thembinkosi) okukhulunywe kakhulu ngaye ngaphambi komdlalo. Kukhona nomdlali omusha, (uMatias Esquivel), okuseyinkinga ngisho ukuxhumana naye ngenxa yolimi.
“Akukona ukuthi ngicasha ngesithupha kodwa nginesifiso sokuthi lokhu okwenzekile kusheshe kuphume emqondweni wami. Alikho-ke ithuba elidlula umdlalo olandelayo,” kuphetha uMokwena.