UMQEQESHI weMaritzburg United, uFadlu Davids, uthi abadlali bakhe kuzofanele bakukhiphe ezingqondweni zabo ukudlalela ukungahlulwa kodwa badlalele ukunqoba, emuva kokuthi ezakhe zidedele AmaZulu FC, ebuya ngemizuzu yokugcina umdlalo wagcina uphela zibambene ngo 1-1.
Kulo mdlalo weDStv Premiership womkhaya baKwaZulu-Natal, iMaritzburg ihambe phambili isikhathi eside kodwa yagcina iyilahle ngemizuzu yokugcina esikhathini esengezwe ngunompempe.
Ihambe phambili ngegoli elingqomfelwe phakathi wuKwame Peprah, ngomzuzu ka-32 ngesiwombe sokuqala, kwathi AmaZulu agcina ethola elokulinganisa ngomzuzu ka-91, womusa kanompempe ngonyawo lukaGully Manziba.
“Bona abadlali bami balwile, kodwa into engikhalisa kakhulu yile yokuthi badembeselile. Ngicabanga ukuthi kusazofanele sisebenze kakhulu ukushintsha indlela yokucabanga kubadlali bethu, ngoba kubukeka sengathi badlalela ukungahlulwa, esikhundleni sokuthi badlalele ukunqoba.
Kufanele uma sishaya igoli, bese silwela ukushaya elesibili, siqhubeke nokulawula umdlalo, sigweme amaphutha angenasidingo.
Ngicabanga ukuthi usemningi umsebenzi okusafanele siwenze ukushintsha le ndlela yokucabanga kubadlali bethu,” kusho uDavids emuva komdlalo.
Lo mqeqeshi usho kanjena nje, ezakhe beziye emdlalweni zibuya esibhaxwini sika 1-0 ebezisithole kwiChippa ngeSonto eledlule ekuhambeni.
Ukuthola amaphuzu aphelele kweTeam of Choice emdlalweni bekuzokwenza umehluko omkhulu emshikashikeni wayo, wokusuka ezembeni. Iphuzu elithole kulo mdlalo kaliyisizanga njengoba ingakasuki esishozini.
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi waMaZulu, uRomain Folz, uncome abadlali bakhe ngendlela abakhombise ngayo ukulwa njengamasotsha.
“Ngaphandle kwamaphutha esiwenze ngasekuqaleni komdlalo, okugcine kuholele ekungenelweni yigoli, yithi esidlale kangcono kakhulu siwulawula umdlalo.
Ngendlela esidlale ngayo ngikholwa wukuthi bekufanele siwunqobe futhi abadlali bami ngiyabancoma ngendlela abakhombise ngayo ukulwa njengamasotsha, kwaze kwaba sekugcineni.
Nakuba ngingajabule ngephuzu elilodwa kodwa okungithokozisayo wukuthi abadlali sebeyafika lapho engifuna khona,” kusho uFolz, odume ngelikaFohloza.
Empeleni uSuthu luphikwe yinhlanhla kulo mdlalo njengoba ngesiwombe sesibili, lucindezele kakhulu lwathola namathuba amaningi okubhakuzisa inethi. Kuke kwaba nesiqubu lapho ibhola elishaye ipali ebelingqofwe ngekhanda wuJunior Dion.
Emidlalweni eyisithupha yakamuva, ezikaFohloza zisanqobe umdlalo owodwa kuphela, zashaywa kanye, zadlala ngokulingana amahlandla amane, okusho ukuthi kufanele zibhukule, zishintshe umshovo.