KONKE kusezandleni zikaVusumuzi "Kanu" Vilakazi oyibambamqeqeshi kwiRichards Bay ngokunikwa ngokuphelele isikhundla esiphucwe uKaitano Tembo ngoKhisimusi.
Lokhu Isolezwe likutshelwe ngusihlalo walo, uSifiso "Jomo" Biyela, obelokhu ekugcizelele ukuthi bazomeseka ngakho konke uVilakazi. Lo mqeqeshi ubanjiswe umsebenzi ngemuva kokukhonjwa indlela kukaTembo waseZimbabwe, onikwe incwadi yokuxoshwa ngosuku lwangoKhisimusi.
UTembo ubejoyine iBay ekuqaleni kwesizini ephezulu. Uhambe esanqobe imidlalo emibili yeligi kwewu-15.
Wenze kahle kwiCarling Black Label Knockout njengoba ephume kowandulela owamanqamu, eshaywa yiStellenbosch ngo-3-0. UVilakazi utheleke esifundeni iKing Cetshwayo ngoNovemba ezobambisana noTembo.
Ngesizini ka-2022/23 ebambisene noMabhuti Khenyeza, benze umsebenzi oncomekayo kwiLamontville Golden Arrows. Uyishiye ngasekuqaleni kwale sizini, wajoyina iChippa United kwesokuba wusomaqhinga.
UVilakazi, ongahlalanga kwiChippa, usefike wazifaka emabhukwini amahle eBay. NgoDisemba 30, emdlalweni wakhe wokuqala ushaye iSuperSport United ngo 3-1. Uhlalelwe wumsebenzi onzima wokususa iqembu engozini yokudliwa yizembe.
IBay ilele endaweni yesibili kwi-log uma kusukwa emsileni ngamaphuzu awu-13, emidlalweni ewu-16. Emsileni kuneCape Town Spurs ngawu-11.
Endaweni ka-14 kukhona iRoyal AM ngawu-18 kwewu-15.
UBiyela uthe ikusasa likaVilakazi lisezandleni zakhe.
“Konke kuzoncika ekutheni uVilakazi uyayithola yini imiphumela. Isimo esikuso asisihle. Kumele siphume kuso ngokushesha. Angisiboni isizathu sokungamniki lo msebeni ngokuphelele uma enza kahle.
Uma kwenzeka ethwala kanzima sizophinde sihlale phansi, sibone ukuthi simisa kanjani. Sizomeseka ngakho konke uVilakazi. Sonke sayawazi amava akhe kwiDStv Premiership. Simnike lo msebenzi ngoba simethemba,” kusho uBiyela.
INatal Rich Boys izobuyela ensimini isiyobhekana nePolokwane City, ngoLwesithathu, e-Old Peter Mokaba Stadium. Ngesikhathi kuqhubeka ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon), iBay inyusele eqenjini elikhulu abadlali abane abadlala kweleDStv Diski Challenge (DDC).
Laba nguThandoluhle Gazu, Siphelele Buthelezi, Sanele Zulu abadlala esiswini nomgadli uNtlonelo Bomelo ozihola phambili kwiDDC ngokushaya amagoli awu-14 emidlalweni engu-16.
UBiyela uveze ukuthi libasizile ikhefu le-Afcon ngoba umqeqeshi uthole isikhathi sokwazana kahle nabadlali nokubafundisa indlela afuna badlale ngayo.
Lesi sikhulu siveze nokuthi sasingaqonde lutho olubi ngokukhulula uTembo ngosuku lwangoKhisimusi.
"Kwabanye uDisemba 25 wawuyiholidi. Kithina kwakuwusuku lokusebenza. NgoDisemaba 26 sasijima, silungisela umdlalo neSuperSport, ngoDisemba 30. Sakubona kungcono ukukhulula umqeqeshi uTembo, ngoDisemba 25 kunokuthi simxoshe ngakusasa esefike ejimini,“ kusho uBiyela.