IYAQONGA ingcindezi kumqeqeshi we-England, uGareth Southgate, nakuba iqembu lakhe libalwa nabhekwe ukuthi ahambe ibanga elide kwi-Euro 2024 eqhubekayo eGermany.
I-England izobhekana neSwitzerland emdlaweni wama-quarterfinals ozoba seMerkur Spiel Arena namuhla ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Abafana bakaSouthgate, osenuka iqaqa kubalandeli base-England, ngenxa yokudlala ngendlela engagculisi kweqembu, badlulele kulesi sigaba sekuvalwe amehlo behlula iSlovakia ngo 2-1, esikhathini esengeziwe kowe-Last 16 ngempelasonto edlule. Nakuba bewinile kodwa kusalokhu kuqhubekile ukungenami kwabalandeli bebhola ngalo mqeqeshi abakholwa wukuthi akumfanele ukuphatha iqembu.
Nakuba kunjalo i-England, ibalwa namazwe asethubeni lokuwina i-Euro yanonyaka ngenxa yabadlali abasezingeni eliphezulu esikimini sayo. Kulaba badlali kukhona abawine imiklomelo ngabodwana nezindebe namaqembu abadlala kuwona. Isethenjwa uJude Belingham siwine i-Uefa Champions League, neReal Madrid ngesizini yokuqala sifikile eSpain. Ngaphezu kwalokho, uBelingham uvotelwe njenge-La Liga Player of The Year. UPhil Foden weManchester City udle umklomelo ofanayo kwi-English Premier League, wawina nesicoco seligi. Nakuba isikimu siconsisa amathe kodwa izinto azihlangani kahle enkundleni. UCole Palmer, oshayele iChelsea amagoli angu-27 ngesizini, wadla umklomelo weYoung Player of The Season kwi-English Premier League, kuqale i-Euro engayitholi indawo esikimini sikaSouthgate.
UFoden uthe abadlali kufanele bagxekwe ngalokhu.
“Kufanele kube nabaholi abazohlanganisa amakhanda bathole isixazululo sokuthi kungani kungahlangani. Umqeqeshi uyakwenza okulingana naye. Uqhamuka nendlela yokudlala, asitshele ukuthi sicindezele kanjani. Uma kungasebenzi lokho, kufanele sikwenze kusebenze,”kusho uFoden kwiBBc Sport.
Mayelana nengcindezi ekuSouthgate, uFoden uthe:“Ngiyamuzwela uGareth. Uma siziqeqesha ubesitshela ukuthi asicindezele phambili kodwa kwesinye isikhathi konke kufanele kubuyele kubadlali. Sinabaholi. Emidlalweni besingahlangana kakhulu kunalokhu, sithole isixazululo. Sikhulumile ngakho kakhulu kunakuqala. Uma kwenzeka futhi enkundleni sizokwazi ukuhlangana sithole isixazululo, sibone ukuthi konakalaphi, sicindezele ngendlela efanele.”